08 | Izindaba
Friday, 11 July 2025
Zigqoka kanje izintombi nto ezisuke sezikulungele ukukhethelwa imishado eBuhleni.
Phumlani Gama
ZINGAPHEZULU kwezinkulungwane eziyishumi izintombi-nto ebeziyingxenye yohambo lwasentabeni iNtanda ngaphansi kwebandla lamaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni eliholwa yiNkosi uMduduzi 'Nyazilwezulu' Shembe.
INtanda yindawo yekhethelo ebude buduze nekomkhulu lebandla eNanda, eThekwini futhi okungangeni noma ngabe ngubani kuyona. Le ndawo ibuye ibizwe ngepulazi lebandla lamaNazaretha.
Kuyona kutshalwe umhlanga nezinye izihlahla. Minyaka yonke ngomhlangano kaNtulikazi (July), kuba nezinsuku lapho izintombi-nto ziyokha khona umhlanga, ziwuhambise enkosini yaleli bandla. Lokhu kuwuphawu lokuqinisekisa ukuthi izintombi zisuke zisazigcinile nezibaya zoyise zisaphelele.
YiNkosi uMduduzi "Nyazilwezulu" Shembe engumholi waseBuhleni okwethulwa kuyo imihlanga yezintombi.
Ukuhanjiswa komhlanga kuyaye kwenziwe ngendlela efanayo neyenziwa esigodlweni seSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini Zulu lapho khona izintombi-nto zisuke ziyokwethula umhlanga okuwuphawu lokuqinisekisa ukuphelela kobuntombi bazo.
Lesi yisigaba esibalulekile kuleli bandla njengoba ukuhlolwa kwezintombi, maqede ziyokwethula umhlanga enkosini, kwandulela isigaba esithathwa njengesibalulekile kuleli bandla, lapho khona izinsizwa nabanumzane benikwa ithuba lokuyokhetha omakoti ebhentshini lebandla.
Echaza ngalolu hlelo uMnu Thokozani Mncwabe, okhulumela uNyazi, uthe akubona bonke abantu abavumelekile ukuyokhetha ebhentshini lebandla.
"Kukhethwa emhlanganweni kaJanuwari, okaJulayi noka-Okthoba obanjelwa eJudiya, eGingindlovu. Kusezinhlelweni zokwengezwa komunye umhlangano njengoba ibandla likhula eSwazini.
"Nabazalwane bakhona sebezokwazi ukukhethana. Lukhona nohlelo oluvulelekile lokukhetha ngaphansi kwesihlahla. Lapho kusuke kukhethwa izintombi zentethelelo. Ezentethelelo yilaba asebephukile.
"Ngiyafisa nokuthi ngikucacise ukuthi umzali wentombi ekhethwayo usuke engazi lutho. Lowo okhethayo usuke esazothumela abakhongi ekhweni kuyolotsholwana.
"Sikulindele ukuthi abantu basazokhuluma njengoba vele minyaka yonke bahlala bekhuluma emuva kokukhethwa kwezintombi-nto zaseBuhleni. Okukhathazayo wukuthi nalaba abakhulumayo kabakhonzi ngisho nakhona lapha ebandleni futhi kabayazi imithetho kaShembe," kuphetha uMncwabe.