08 | Izindaba

Friday, 03 October 2025

Image

NGUNKK Thembeni Madlopha-Mthethwa, egaya izinkobe ngesikhathi ehlangene nabalimi baseRay Nkonyeni. ngoLwesithathu. 

Ungqongqoshe nesethembiso kubalimi


Phumlani Gama

UTHEMBISE ukutholela abalimi imakethe abazothengisa kuyona imikhiqizo yabo uNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa.

Lo mholi uhlangane nabalimi abatshala ukudla kwesintu abavela ezindaweni ezahlukene, ngaphansi koMkhandlu iRay Nkonyeni, ngoLwesithathu, emcimbini obusoShabeni.

Balinganiselwa ngaphezulu kwenkulungwane abalimi abebeyingxenye yawo. Ungqongqoshe ubehambisana neziphathimandla zomnyango wakhe.

Image

Abalimi bakhale ngokuthi iseyinkinga indaba yokuthola imakethe abazothengisa kuyona imikhiqizo yabo.

Phakathi kokudla obekuzokhonjiswa ungqongqoshe kubalwa amadumbe, ubhontshisi, izindlubu, nokunye okuningi. Kuvele ukuthi kunengxenye yabalimi abatshala kodedangendlale bomhlaba izitshalo ezahlukene, ngenhloso yokuziphilisa bona nemindeni yabo. Nabo belulekwe ngokubaluleka kokungena emkhakheni webhizinisi.

UNkk Madlopha-Mthethwa uncome abalimi bakule ndawo ngokubuyela koludala.

"Kuyathokozisa ukufika endaweni enabalimi abasadla ngoludala. Akukho okutheni engizobathembisa khona ngaphandle kokuzibophezela ukuthi ngizobatholela imakethe. Ngizosuka lapha ngiyokhuluma nabanikazi bezinkampani ezizofika khona zizothenga imikhiqizo yabo," kusho uMadlopha-Mthethwa.

0