08 | Izindaba

Friday, 19 December 2025

Image

LABA ngabanye babantwana abebeyingxenye yomcimbi iKids Fun Day, wokubajabulisa.

Owe-1KZNTV nephupho lokukhuliswa kwezingane

Phumlani Gama

UNEPHUPHO lokwakha ikusasa eliqhakazile lezingane zaseBhucanana, eMpangeni,  uMnu Nkosenhle Mthembu, oyintatheli yesiteshi sikamabonakude, i-1KZNTV.

UMthembu ubehlele umcimbi wezingane ngosuku lokubuyisana umhla ka-16 kuDisemba. Bese kuwunyaka wesithathu lo mcimbi wenziwa.

Ekhuluma ne
LANGA Lempelasonto, ubonge ukwesekwa akuthola ezinhlakeni ezahlukene, okubalwa kuzona isiqiwu sezilwane esisendaweni, nosomabhizinisi basendaweni.

Lo mcimbi ubizwa ngokuthi yiKids Fun Day, lapho uMthembu esuke ebize izingane, ezinye zazo ezifika ziphelezelwa ngabazali bazo.

"Ngibonga ukwethenjwa ngabazali ngezingane zabo. Inhloso yami enkulu ngalo mcimbi, wukuba kuvikelwe izingane.

Image

NGUMNU Nkosenhle Mthembu oyintatheli ye-1KZNTV, osekuwunyaka wesithathu enza umcimbi wokujabulisa abantwana.

"Ngalo mcimbi, sivikela ukulahleka kwezingane olwandle ngoba ngalolu suku, iningi lamalungu omphakathi lisuke lisemabhishi, liyozijabulisa.

"Thina sibamba izingane ukuba zingayi emabhishi. Izingane ziyalahleka olwandle. Lapha samukela izingane esezikwazi ukudlala imidlalo eyahlukene, kuye kwezineminyaka ewu-13 ubudala.

"Zingaphezulu kuka-200 izingane ezilethwe ngabazali ukuba zizodlala nezinye. Nathi singabazali bazo," esho.

Uthe unesifiso sokufika ezingeni lokunikezela ngezinsiza zezingane ezahlukene.

Image

"Ngifisa ukugcina ngifinyelele esigabeni sokunikezela ngezidingo ezibalulekile, ezithinta impilo yezingane.

"Kungaba wukwelulekwa ngokomqondo kulezo ezithola ukuhlukumezeka, nokupha imifaniswano kulezo eziphuma emakhaya anabazali abangenawo amandla ngokwanele.

"Ngibonga uNkulunkulu ngesipho sokuba ngithande izingane," kusho uMthembu.



0