08  | Izindaba

Friday, 14 August 2026

 Lizoqala ukuqulwa ngo-Okthoba elokubulawa kuka-AKA

 Wadutshulwa wabulawa ngaphandle kwendawo yokudlela kuFlorida Road, eThekwini... 

Leli cala kwakubhekwe ukuba liqale ukuqulwa ngoJulayi nonyaka...

Image

Ngowayeyisihlabani somculo weHip Hop uKiernan "AKA" Forbes, owadutshulwa, wabulawa eThekwini.

Thandoluhle Ngubo

LIZOQALA ukuqulwa ngo-Okthoba nonyaka, icala lokubulawa kowayeyisihlabani somculo weHip Hop uKiernan "AKA" Forbes, owadutshulwa wabulawa nomngani wakhe, owathelwa amachaphazelo, uTibello "Tibz" Motsoane.

Laba badutshulwa babulawa ngoFebhruwari
ka-2023, ngaphandle kwenye yezindawo zokudlela eThekwini. Lokhu kuvele ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lapho ebekuvele khona abasolwa abawu-7, abayanyaniswa naleli cala.

Image

Yingxenye yabasolwa ekubulaweni kowayengumculi uKiernan "AKA" Forbes, nomngani wakhe uTibello "Tibz" Motsoane.

Laba basolwa bangoMnu Lindokuhle Mkhwanazi, uLindani Ndimande, uSiyanda Myeza, uMziwethemba Gwabeni, uLindokuhle Ndimande, uSiyabonga Ndimande noMelusi Ndimande.

Enkantolo uMshushisi omkhulu waleli cala, u-Adv Lawrence Gcaba, utshele inkantolo ukuthi zonke izinhlangothi sezikulungele ukuqulwa kwecala.

Leli cala kwakubhekwe ukuba liqale ukuqulwa ngoJulayi nonyaka, umbuso sewukulungele ukuqala ukubiza ofakazi, kodwa kwangenzeka ngenxa yokuthi abameli babamangalelwa, batshela inkantolo ukuthi kabanaso isikhathi sokuxhumana namakilayenti abo, agcinwe ejele laseBhongweni, ngaseKokstad.

Image

NguTibello "Tibz" Motsoane.

Babika ukuthi kuleli jele banikwa isikhathi esiyimizuzu ewu-30 kuphela uma bezoxoxa ngecala namakilayenti abo. Bathi nanoma befisa ukukhuluma nawo ngocingo, lokhu kakwenzeki njengoba abamangalelwa bevumeleke ukushaya ucingo kanye ngesonto, nalo oluba yisikhathi esincane.

Batshela inkantolo ukuthi uma besuka lapha, bahamba isikhathi esingaphezu kwamahora amabili uma befuna ukuyodingida izinto ezithinta leli cala namakilayenti abo.

Baphakamisa ukuthi amakilayenti abo avunyelwe ayohlala ejele laseWestville isikhashana, kuze kube baphothula konke okuthinta leli cala.

NgoLwesine, uMshushisi uGcaba neJaji uVuyiswa Portia Poyo--Dlwati, bathe konke sekumi ngomumo ngokuqulwa kwaleli cala. Icala libe seliguqela
u-Okthoba.

U-AKA noTibz, badutshulwa babulawa besendaweni yokudlela emgwaqweni uFlorida, eThekwini.

Ngokobufakazi obavezwa wumbuso ngesikhathi abasolwa befaka isicelo sebheyili, ubufakazi bezingcingo nobamakhamera bukhomba abasolwa ekwenziweni kwaleli cala.

Kuthiwa ngemuva kokubulawa kuka-AKA, abamangalelwa bashayelana izingcingo, uGwabeni wakhokhela abasolwa imali ewu-R133 000 umuntu emunye, ngaphandle kukaMyeza.

Kwavela ukuthi le mali eyayiwu-R803,455 yaphuma kwi-akhawunti yenkampani iBright Cycle, ekuthiwa ekaMnu Mfundo Gcaba, yangena kwekwaGwabeni.

UGwabeni wavuma ukuthi wabakhokhela abamangalelwa, kodwa wathi kwakungeyona inkokhelo yokubulawa kuka-AKA.

Uthi abanye babo wayebaphekisa njengoba babezoshada, abanye ebakhokhela ayebakweleta kona.

0