08 | Izindaba
Friday, 25 July 2025
Skhosiphi Mthembu
LIYAQHUBEKA eNkantolo eNkulu yaseScottburgh, icala elibhekene nowesilisa osolwa ngokudubula abulale unina wezingane nomkhwekazi wakhe.
UMnu Nkanyiso Ndlovu (39) ubhekene nanecala lokuzama ukubulala indodana yakhe eyayineminyaka ewu-9 ngesikhathi sesigameko ngo-2023.
UNdlovu ubhekene namacala amane, elokubulala uNkz Zanele Cherol Manzi, unina wezingane zakhe, noNkz Qhamukile Doreen Manzi umkhwekazi wakhe, elokuzama ukubulala indodana yakhe uPhiwayinkosi Ndlovu, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, nelokutholakala nezinhlamvu.
Lesi sigameko esenzeka ngomhla ka-6 ku-August 2023, sashiya abantu abaningi baseChatsworth, bethukile ngenxa yesihluku okuthiwa senziwa nguNdlovu.
Ngokwamaphepha asenkantolo, uNdlovu noNkz Manzi babenobudlelwano phambilini, behlala ndawonye eGreytown, benezingane ezimbili.
Kubikwa ukuthi baxabana, nokwaholela ekutheni umufi aphume endlini ababehlala kuyona noNdlovu, wabuyela kubo eChatsworth, wamshiya nezingane.
Kuthiwa ngosuku lwesigameko, kwabe sekuqubuka ingxabano phakathi kwabo, uNdlovu esola umufi ngokuthi usebenzise imali yezingane. Kubikwa ukuthi ingxabano yabo yaholela ekutheni umsolwa adonse isibhamu adubule umkhwekazi, uNkz Manzi nendodana yakhe, qede wabaleka.
Amaphoyisa aze ambopha ngemuva kwesikhathi esingangonyaka ebhace eGoli.
Ilungu lomndeni elingeke lidalulwe ngezizathu zokuphepha, liveze ukuthi uNdlovu ubenakho ukumhlukumeza umufi, yikhona okwabahlukanisa waze wabuyela kubo.
Icala liyaqhubeka enkantolo.
skhom@ilanganews.co.za