08 | Izindaba

Friday, 08 August 2025

Image

Zinetwetwe lokulahlekelwa yimisebenzi izisebenzi zaseThala

Menzi Jele

AMALUNGU eNational, Education, Health, and Allied Worker's Union (Nehawu), adele amakhaza abeshubisa umkhantsha, ekuseni ngoLwesine, aqhinqa ngaphandle kwesakhiwo seThala, ePoint Waterfront, eThekwini.

Bekuthi uma umoya usuheleza mawala, amalungu eNehawu, ayizisebenzi zeThala, asukume, agxoba itoyitoyi, ngenhloso yokushisisa igazi. Zisebenza ophikweni lweThala Business Finance and Industrial Sector, okuyilona olwengamele amabhilidi, nezakhi-wo zalesi sikhungo, okuqashiswa ngakho.

IThala, linezakhiwo eliqashisa ngazo kosomabhizinisi abancane, ezindaweni ezinjengakwaSithebe (eMandeni), nasePieters (eMnambithi).

UMnu Prince MthaLane, uNobhala weNehawu, esiFundeni saseThekwini, uthi izakhiwo zeThala, namabhilidi aqashisayo, akusanakiwe, futhi akusavuselelwa.


Kukhalwa ngokuwohloka kwamabhilidi eThala 

"Abantu abanamabhizinisi nezimboni, sebema-dolonzima ukuqasha emabhilidini eThala, ngoba asewohlokile, kawasekho esimeni esihle. Lokhu kungadala ukuthi izisebenzi ezingamalungu ethu, zidilizwe, iThala ligcine selifana nezinye izimboni ezilawulwa wuhulumeni, ezigcina sezidiliza izisebenzi, ngoba kaziyenzi inzuzo.


"Sinikeze uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, KwaZulu-Natal, izinsuku eziwu-14, ukuthi usiqinisekise ngohlelo lokugcina lezi zikhungo zeThala, zisesimeni esigculisayo," kusho uMthalane.

Isikhulu soMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, esifundazweni, ebesijutshwe ukuzokwamukela uhlu lwezikhalazo, egameni leNhloko yoMnyango, uMnu Nhlakanipho Nkontoane, sithe umnyango ukhathazekile ngesimo sezikhungo namabhilidi eThala, kodwa zikhona izinhlelo onazo zokulungisa isimo.

"Siyazama ukuthi izikhungo zeThala zivuselelwe kabusha, ukuze osomabhizinisi abasafufusa, nosozimboni babe nezindawo abazoziqasha, basebenzele kuzona," esho.

IKwaZulu Finance Corporation (KFC), ngesikhathi sikaHulumeni waKwaZulu, omdala, yayinezikhu-ngo emalokishini, ezaziqashwa ngabantu ababezisebenza, abashiselayo, abakhanda amakhabethe neminye imisebenzi yezandla.

Amalungu eNehawu, abeqhingqe eThekwini, ngoLwesine, abeqhamuka ezindaweni ezahlukene eKZN, eMandeni, eMadadeni, eMnambithi, nasePort Shepstone.

menzi.jele@ilanganews.co.za

0