08 | Izindaba

Friday, 23 October 2026

Kugiya iShaka Ilembe 2 koweSimon Sabela Awards

AbakwaKZN Tourism and Film Authority bazozibambela ekuhleleni lo mcimbi...

Image

Lucky Cain

KUGIYA iShaka Ilembe 2, emcimbini wokuklomelisa abakumabonakude namafilimu KwaZulu- Natal, kulandela ukuqokwa kwalo mdlalo kaningi koweSimon Mabhunu Sabela Awards KZN Film and Television Awards, ozoba ngomhla ka-21 kuLwezi (November), eThe Playhouse eThekwini.

NgoLwesibili abakwaKZN Tourism and Film Authority, bagcine bebamemezelile abaqokiwe kulo mcimbi obukeka ukhungethwe yizinkinga kulo nyaka, kulandela ukuhlehliswa kwawo izikhawu.

Image

Lo mcimbi bekumele ube ngoJuly kodwa wahlehla ngenxa yezinkinga zangaphakathi zokuqashwa kwenkampani okumele iwuhlele.

AbakwaTourism And Film Authority bamemezela ukuthi usuzoba ngo-October nonyaka kodwa nakhona lapho wahlehliselwa umhla ka-21 kuNovember.

Emasontweni ambalwa adlule kukhishwe isitatimende esiveza ukuthi abaqokiwe bazomenyezelwa ngomhla ka-16 ku-October kodwa lolu suku lufike, lwadlula bengamenyezelwanga, bamenyezelwa ngoLwesibili mhla ka-20 ku-October.

Image

ILANGA lihabule ukuthi igcine ingaqashwanga inkampani ezohlela lo mcimbi njengoba uzohlelwa ngaphakathi yizisebenzi zalolu hlaka olubhekelela ezokuvakasha namafilimu nomabonakude kulesi sifundazwe.

Kulo nyaka kwenzeke okungajwayelekile, njengoba ungenzekanga umcimbi wokumemezela abaqokiwe kusetshenziswe izinkundla zokuxhumana ukubamemezela.

Ngesikhathi kumenyezelwa kuvele ukuthi umdlalo onedumela iShaka Ilembe 2, uzicanasele ngokuqokwa kaningi eminxeni eyahlukene.

Image

Amafilimu i-Lucky Fish neMeet The Khumalo nawo awazibekanga phansi ngokuqokwa kwawo eminxeni eyahlukene kulo mcimbi.

Nalu uhlu lwabanye abaqokiwe:

BEST SUPPORTING ACTOR IN TELEVISION

• Akhona Ndlovu - Shaka Ilembe Season 2
• Zamani Mbatha - Shaka Ilembe Season 2
• Nkanyiso Mzimela - Shaka Ilembe Season 2

BEST SUPPORTING ACTRESS IN TELEVISION

• Amanda Seome - Shaka Ilembe Season 2
• Thuli Zulu - Homecoming Season1
• Baby Cele for Shaka Ilembe Season 2

BEST ACTOR IN TELEVISION

• Masoja Msiza - Uzalo
• Wiseman Mncube - Shaka iLembe Season 2
• Lemogang Tsipa - Shaka iLembe Season 2

BEST ACTRESS IN TELEVISION

• Nomzamo Mbatha - Shaka Ilembe Season 2
• Dawn Thandeka King - Shaka Ilembe Season 2
• Six Nyamane - Homecoming Season 1

BEST ISIZULU FILM

• Isilingo Esgqoke Umqhele - Mli Dube
• Amathambo - Sabelo Ndlovu
• Izenzo Zami - Lwazi Duma

BEST NEWCOMER ACTOR IN FILM AND TELEVISION

• Cebo Radebe - Shaka Ilembe Season 2
• Kwanele Mkhize - Shaka Ilembe Season 2
• Anele Nene - Shaka Ilembe Season 2

BEST NEWCOMER ACTRESS IN FILM AND TELEVISION

• Nqobile Mdladla - Ithonga
• Luyanda Zuma - Shaka iLembe Season 2
• Nandipha Khubone - Meet the Khumalos

BEST PAN AFRICAN FILM

• Meet The Khumalos - Jayan Moodley
• Lucky Fish - Luke Rous
• A Shepherd’s - Lungisani Lucas Gwadiso

BEST SHORT FILM

• Your Neighbourhood - Ngcebo Mazibuko
• Quantum - Nqanawe Shangase
• Until You Return - Lindani Msibi

BEST USE OF KZN AS A FILMING LOCATION

• Shaka Ilembe Season 2 - Angus Gibson
• Lucky Fish - Luke Rous
• Meet The Khumalos - Jayan Moodley

BEST FEATURE FILM

• Lucky Fish - Luke Rous
• Meet The Khumalos - Jayan Moodley
• The Trek - James C. Williamson,

BEST ACTOR IN FILM

• Sfundo Maphumulo - Umalusi Season 2
• Thobani Nzuza - God's Work
• Siphesihle Cele - Amathambo

BEST ACTRESS IN FILM

• Mpume Mthombeni - Amathambo
• Noxolo Mathula - Kayise
• Mayuri Naidu - Lucky Fish

BEST SUPPORTING ACTOR IN FILM

• Siyabonga Mlungisi Shibe - Meet The Khumalos
• Mbulelo Radebe - God's Work
• Magic Hlatshwayo For Izenzo Zami

 BEST SUPPORTING ACTRESS IN FILM

• Lihle Hloba For Amathambo
• Jailoshini Naidoo For Lucky Fish
• Samukelisiwe Nzimande For Izenzo Zami

0