Izindaba | 08

Friday, 18 April 2025

Image

YI-JOYOUS Celebration ezobe idumisa e-ICC, eThekwini ngempelasonto, ngePhasika.

I-Joyous Celebration ilande abanikazi bayo emculweni

Izobuyisa ababecula kuyona eminyakeni edlule

Mthobisi Sithole

IZOLANDA abaculi abadala, abanikazi bezingo-ma ababeziculile ngqo, iJoyous Celebration emcimbini wayo wePhasika ozokuba se-Inkosi Albert Luthuli International Convenction Centre (ICC), eThekwini.

Lo mcimbi uzothatha izinsuku ezimbili kusukela ngoMgqibelo nangeSonto. Kuzobe kubuyiswe abanikazi bezingoma ezaziqoshwe eminyakeni edlule, hhayi abazobe belingisa abanikazi bazo.

Image

NGUSPHE Londiwe Nxumalo, ozobe eyingxenye yeJoyous Celebration.

UJabu Hlongwane ongomunye wabasunguli beJoyous Celebration, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi eminyakeni edlule, bekulandwa abazolingisa, kodwa kulokhu kulandwe abanikazi bazo izingoma,  okukhona phakathi kwabo uSphumelele Mbambo, uLondiwe Nxumalo, uNobathembu Mabeka, uXolani Mdlalose, uNomthi Sibisi noBuhle Thela.

Uthi bakwenze lokhu ngoba befuna ukulethela abantu ubumnandi.

"Sibuyisa labo nalabo abebebambe iqhaza phambilini. Eminyakeni eyedlule besilanda abaculi abazolingisa, kodwa kulokhu sifuna ukwenza okwehluke kakhulu kunalokhu obekujwayelekile," esho.

Image

NGUXOLANI Mdlalose weJoyous Celebration.

Ngesonto kuzobe kuwusuku lweJoyous and Friends. UHlongwane uthi leli qembu lisungu-lwe eThekwini, yingakho imigubho yalo emikhulu yenzelwa kuleli dolobha. 
Uthi nemihlangano emikhulu yokuphenjwa kwalo, iqale eThekwini.

"Abantu bangaziphuthiseli ngobumnandi, kuzobe kukuhle kakhulu. IPhasika lethu ngeke lifane neminye iminyaka ngoba abantu abaqophe izingoma kwiJoyous, bazobonakala bezicula bukhoma, bengalingiswa," esho.

Amathikithi atholakala eWebtickets ngo-R220 nasePick n Pay. Umcimbi uzoqala ebusuku ngoMgqibelo nangeSonto.
Lo mcimbi wesekwe yiphephandaba ILANGA, iGagasi FM, yi-MGSM Solutions noMasipala weTheku.
mthobisis@ilanganews.co.za

0