08 | Izindaba

Friday, 16  January 2026

Image

LAWA ngamatshitshi azobe eyingxenye yomcimbi wawo, obizwa ngokuthi Amatshiwelele Festival, ozoba seCurries Fountain, eThekwini ngoMarch. 
ISITHOMBE NGABE: SWIDI FILM 

John Hlongwa

Bathembisa igiya eliphezulu kowamatshitshi eThekwini

BEKUHANJELWE nangamatshitshi ukwethulwa kwabezindaba komcimbi omkhulu Amatshiwelele Festival, ohlelelwa umhla ka-7 March, enkundleni yezemidlalo iCurries Fountain, eThekwini.

Kuzokube sekungokwesibili lo mcimbi wenziwa njengoba uqale ngonyaka odlule. Abahleli bawo - nguZamambo "Ntombi yeCountry" Mkhize waseMbumbulu, oyitshitshi, nosomabhizinisi uMnu Nkosikhona "Papa G" Gumede. 
Batshele abezindaba ukuthi sebemi ngomumo ngalo mcimbi.


UZamambo echaza ngokwenza baqhamuka nesu lalo mcimbi, uthe: "Emicimbini eminingi ebesiyihambela, ubungathi sicushiwe uma intombi ike yenza okuthile, uzwe sekugiywa ngalokho, kuthiwe awubuke leli tshitshi ukuthi lenzani.

"Yilokho okudale ukuthi siqhamuke nokwamatshitshi ngoba lokhu besikubona njengokucwaswa.

Image


NGABAHLELI bomcimbi uMnu Nkosikhona "Papa G" Gumede, ongusomabhizinisi, noNkz Zamambo Mkhize ongumsunguli womcimbi.

Kuthuthukiswa amatshitshi nakwezamabhizinisi 

"Futhi bekumele ibekhona indlela yokuthuthukisa amatshitshi ukuze akhule kwezamabhizinisi.

Njengoba senza lo mcimbi, iningi labantu abasebenza (service provider) kuwona, siqoka izinkampani zawo amatshitshi. Seseka kusukela etshitshini eliculayo, elithungayo, eliphekayo nokunye," esho.

Ubonge amatshitshi ngendlela aziphatha ngayo kulo mcimbi.

"Indlela enaziphatha ngayo ngonyaka ophelile, yenze izinga lokudingeka kwalo mcimbi, lenyuka kakhulu.

"Niyisibonelo esihle ematshitshini asakhulayo. Nasezinkundleni zokuxhumana phambilini sasiyinhlekisa, kukhulunywa kabi ngathi, kodwa manje konke lokho sekwehlile," esho.

Uphinde waveza ukuthi ulibangise eNdlunkulu kaZulu ukuyobika lo msebenzi, njengoba kwavunyelwana kanjalo ngesikhathi uqalwa. 


UGumede ubonge amatshitshi, wathi lo mcimbi ungaphezulu kokuba wumcimbi, kodwa ufana nesikhungo sokuwafundisa.

"Lo mcimbi ufana nesikhungo sokufundisa amatshitshi ngokuziphatha, njengoba uzoqala ngekhempu ezokuba ngoLwesihlanu, ngaphambi kokuba aqale ukuviliyela, ebheke enkundleni yezemidlalo. Sinxusa bonke abaculi abazonandisa ukuba bafike ngesikhathi.

"Umcimbi njengoba uthinta amatshitshi nje, kakufanele kuze kube sebusuku ungaphelile. Emini bebade uzobe usuqala, kuthi uma lishona uvalwe. Silindele abantu ababalelwa ku-15 000 kulo nyaka," esho.

Amathikithi atholakala eTicketpro ngamanani ahlukene. Awamatshitshi abiza u-R150, ajwayelekile u-R200, awezicukuthwa-ne wu-R1000. Emasangweni kuzobe kungenwa ngokwehlukana, ukuze izihambeli zingaxubani namatshitshi.

Ngosuku lomcimbi kuzogqokwa okumhlo-phe kuphela.
Abafuna ukuthenga amathikithi ngokwamatafula, bangaxhu-mana nehhovisi labahleli njengoba ebiza u-R20 000.

Phakathi kwabaculi okulindeleke ukuba banandise singabala uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, uMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele, uLimit Nala nabanye abaningi.

0