Izindaba | 07 

Friday, 02  May 2025

Isukumise ikomidi lePhalamende 'eyokungcoliswa' kukaMinnie Dlamini

Inkulumo kaMag G enenhlabathi ishiye abaningi bedumele

UNkk Khusela Diko uthi abanikazi bama-podcast abekho ngaphezu komthetho...

Image

NguMinnie Dlamini

Lucky Cain

ISUKUMISE ikomidi lezokuxhumana ePhalamende 'eyokwehliswa isithunzi' kukaMinnie Dlamini nguMac G kwi-podcast yakhe ebizwa ngePodcast and Chill with MacG.

Ngeledlule uMac G, ogamalakhe langempela nguMcGyver Mukwevho, wenze inkulumo enenhlabathi ngale ntokazi engusaziwayo wakuleli, kulandela ukusabalala kwezindaba zokuhlukana kwayo nobeyisoka layo uDkt Brian Monaisa.

Image

NguMac G

Kule nkulumo uMac G uzwakale ethi ukuhluleka kukaMinnie ukugcina indoda, kungenzeka ukuthi kudalwa yiphunga elingelihle esithweni sakhe sangasese.

Lokhu akwehlanga kahle kubantu abaningi, njengoba abanye bemsole ngokudicilela phansi isithunzi salo saziwayo osezakhele igama kulo mkhakha.

Isiteshi sikamabonakude iMoja Love, naso sikhiphe isitatimende, sigxeka le nkulumo kaMac G
kwi-podcast yakhe.

Usihlalo wekomidi lezokuxhumana ePhalamende uNkk Khusela Diko, usole ukungabikhona kwemigomo elawula ukusebenza kwama-podcast kuleli, ngokuqhubeka kokwanda kwezigameko zokudicilelwa phansi kwezithunzi zabantu kuwona.

Uthe kuyakhathaza kakhulu lokhu njengoba eqhubeka nokwanda ezweni ama-podcast. Uqhube wathi umthetho okhona wezokusakaza awusho lutho ngama-podcast, nokuyinto ikomidi okumele liyibhekisise, kungaze kumoshakale kakhulu.

Image

NguSihlalo wekomidi lezokuxhumana ePhalamende uNkk Khusela Diko.

Image

Uthe umthetho ozogxila ngokusebenza
kwama-podcast awukaphothulwa, njengoba wona uzohlanganisa konke okusebenza nge-internet, okuthinta neziteshi zikamabonakude ezikhona kubalwa noNetflix, Google, YouTube, X (twitter) nezinye izinkundla zokuxhumana.

UDiko uthe abanikazi bama-podcast abekho ngaphezulu komthetho njengoba usekhona umthetho olawula ukungcolisa igama lomuntu noma odicilela phansi isithunzi somunye.

"Lowo usasebenza, futhi abazizwa bengcolisekile basengakwazi ukubayisa ezinkantolo ukuze bathole ubulungiswa," kusho uNkk Diko.

 Uveze ukuthi ukuntuleka kwemali kwabanye abantu, kwenza abanye baphunyuke engalweni yomthetho njengoba kudinga abameli.

0