07 | Izindaba
Friday, 14 August 2026
NGUSIMPHIWE Dana oqokwe kumaSAMA, emunxeni weBest African Adult Contemporary, nge-album yakhe entsha ethi, Umoya.
USimphiwe Dana ubonga ukuthwalwa ngabalandeli, eqeda iminyaka ewu-22 endimeni yomculo
I-album yakhe entsha ethi, Moya, uthi uyikhiphe esezinhlungwini, esanda kushonelwa ngunina
Thandi Zondi
"NGIBUSISEKILE ukuthi abantu basawuthanda umculo wami. Ngicabanga ukuthi nokugxila ohlotsheni olulodwa lomculo ngingalandeli ama-trends kungisebenzele, yingakho ngisakwazi ukujabulisa abantu namanje," kuchaza isilomo somculi uSimphiwe Dana, ngokumenze wakwazi ukuhlala endimeni iminyaka ewu-22.
"Umculo kangiwuthathi njengebhizinisi, nakuba uyilona ngenxa yokuthi ungenisa imali, kepha ungaphezu kwalokho, ngoba uma ngiwubhala, kusuke kukhona okungishisa ngaphakathi.
"Abantu umculo wami bawulalelela ukwelapheka. Ngisho ngikhipha i-album, kangenzi ngoba ngigcina icala, kusuke kunomoya ongithintile," echaza.
USimphiwe usanda kukhipha i-album esihloko sithi, 'Umoya', athi uyiqophe ngo-2022, nakuba ize yaphuma kulo nyaka. Echaza ngokube yisithikamezo, uthi naye akanayo impendulo ngoba konke kwase kulungile.
"Ngingumuntu womoya, izinto zenzeka ngendlela yazo. Kukhona konke engikwenzayo, selokhu kwathi nhlo, ngilandela wona, ngingumuntu okholelwayo emadlozini," esho.
Echaza ngesipho sakhe somculo athi usithathe kunina nasengxenyeni yomndeni wakoninalume, uthi bebengabantu bomculo wamakhwaya, nasenkonzweni bemandla.
"Ugqozi ngiluthole kumama. Ubecula ekhwayeni, asiculele nasendlini ngaphambi kokuba silale. Umculo bengiwuyela e-Assemblies of God, lapho bengifike ngiwuthokozele ngaphezu kwentshumayelo," esho.
Kule album entsha kunengoma ayibhalele unina ethi, 'Mombathise'.
Zonke izinyembezi ubezikhipha kule ngoma e-studio
"Ngayibhala le ngoma kungadleki, kungalaleki, kungavumi nokuba ngikhale ngemuva kokushonelwa ngumama. Ngangiphila
nge-coffee kuphela.
Kwaze kwaba ngifikelwa wumuzwa wokungena e-studio sami, ngakhipha zonke izinyembezi enginazo khona," esho.
Uchaza lesi sikhathi njengesibe nzima empilweni yakhe.
"Ngiyohlezi ngimbonga umama ngezimfundiso angiphe zona, uthando nokuba nozwelo. Konke engiyikho kungenxa yakhe.
USimphiwe Dana uthi kumlimazile
ukushiywa ngunina emhlabeni
"Ukushona kukamama kungilimazile. Ubeyinsika yami. Ukwenza le album kungelaphile, kwelapha nabantu abayilalele. Ngikholwa wukuthi ukuyenza kwami bekunesizathu.
"Bekunezikhathi lapho bengiqeda khona ibhodlela lewayini ngingedwa, ngenhloso yokuzizwa ukuthi ngisaphila nami," esho.
Kuwona wonke ama-album anawo, ubeqinisekisa ukuthi kukhona ingoma ayibhalele unina.
Le ntokazi isanda kuhlonishwa nge-G100 Renaisance Award, kwiBasadi in Music Award.
"Kule minyaka engikuyona nesikhathi engisichithe emculweni, akujwayelekile ukuthi umuntu ahlonishwe. Ngizwa ngithobekile, ngibonga abantu ngokungithwala," esho.
Uqokwe kumaSAMA emunxeni weBest African Adult Contemporary, nge-album yakhe ethi, Umoya.