07 | Izindaba

Friday, 14  November 2025

 Umlingisi waseKZN ujabulela ukuqokelwa kweyeTV

Ozakhele igama emdlalweni uMjolo nakwiScandal, embangweni wendondo koweNFTA...

Image

 Lucky Cain

KUSHO lukhulu ukuqokwa emcimbini wokuklomelisa esikhathini samanje njengoba umkhakha wezokulingisa ugabe ngemidlalo eyahlukene futhi unezinkumbi zabalingisi abanekhono elimangalisayo.

Lokhu kushiwo nguLondeka Sishi ongomunye wabalingisi abaqokwe emcimbini weNational Film and TV Awards (NFTA) walo nyaka.

ULondeka uzakhele udumo ngokulingisa emidlalweni eyahlukene kumabonakude okubalwa kuyo iScandal, lapho abedlala khona indawo kaBusi, kwi-Adulting lapho alingise khona ekaNkanyezi nakuMjolo, lapho edlale khona ekaThoko.

Image

 Kulo mcimbi wokuklomelisa uLondeka uqokwe ngendawo kaThoko njengoba eqokwe emunxeni weBest Actress in a Film.

Ekhuluma ne
LANGA Lempelasonto uLondeka, uthe uzizwa ethobekile ngokuqokwa kulo mcimbi njengoba kungokokuqala eNingizimu Afrika.

Image

 Uthi akazi noma yinhlanhla kumbe yibhadi yini ukuthi izindawo eziningi aseke wazilingisa, ziletha ukukhuluma kubabukeli futhi baveza nemibono eyahlukene ngazo.

"Ukuqhamuka kwemibono eyahlukene ngezindawo engizilingisayo kakusho lutho kimina ngoba vele inhloso kusuke kuyikhona ukuthi abantu babe nezwi nganoma iyiphi indlela abazizwa ngayo. Ngiyaye ngithakasele ukuthi kukhona ababona umsebenzi wami," esho.

Image

 Uchaze indawo kaThoko njengebihlukile, njengoba bekuyindawo ethinta ingxenye yempilo yabantu abathandana nobulili obufanayo.

"Kangizange ngiyibheke ngendlela yabathandana nobulili obufanayo, kodwa ngiyibheke njengeyabantu ababili abathandanayo ngoba okobulili nokunye kangizange ngikuthathele phezulu," esho.


ULondeka ungowokuzalwa eMehlomyama, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal. Uthi kuzona zonke izindawo aseke wazilingisa, ekaBusi yiyona ayibeka phambili. Uthi lokhu kakusho ukuthi uzibukela phansi ezinye izindawo azilingisile.

Image

 "Ngiyazihlonipha zonke izindawo engike ngazilingisa ngoba ziveza olunye uhlangothi lwempilo, futhi nami ngiyafunda kuzona," esho.

Uthi usanesifiso sokulingisa indawo lapho kumele aveze uhlangothi lokulwa noma
elino-action.

"Ngijwayele ukuthola izindawo ezicishe zifane noma ezehluke kakhulu kunami," esho.

ULondeka uzichaza njengentokazi yasemakhaya ezifela ngoJesu futhi enamahloni.

"Abantu abaningi kabazi ukuthi ngingumuntu onamahloni, kodwa ngiyabathanda abantu," esho.

Kulo mcimbi aqokwe kuwona uLondeka, ngamalungu omphakathi avotela ozodla ubhedu. Kuvotwa ngokungena kwi-website ethi:
www.nationalfilmandtvawards.co.za bese kulandelwa imigomo yokuvota.

0