07 | Izindaba
Friday, 11 July 2025
Lucky Cain
Isiteshi sikamabonakude esikhonjiswa nge-internet iShowmax, simemezele usuku okuzokhonjiswa ngalo isiqephu sohlelo i-Untied esikhuluma ngomshado kaNorma Mngoma nowayengungqongqoshe weMali kuleli, uMnu Malusi Gigaba.
Lokhu kulandela ukuba inkantolo isichithile isicelo sikaGigaba sokuvala ukukhonjiswa kwalesi siqephu, uNorma azikhulumela kusona ngomshado wabo. Ngeledlule uGigaba ubabele eNkantolo eNkulu yaseGoli ngenhloso yokuvimba lesi siqephu singakhonjiswa, ekhala ngokuthi sizongcolisa isithunzi sakhe asezame iminyaka emine esihlanza kulandela ukuhlukanisa kwakhe noNorma.
NguNkz Norma Mngoma owayeshade noMnu Malusi Gigaba.
Lolu hlelo i-Untied lukhuluma nabesifazane abahlukene ngezingqinamba abadlule kuzona empilweni yabo okuhlanganisa imisebenzi yabo, ubudlelwano nemishado yabo yaphambilini. Isiqephu sikaNorma kwakumele kube ngesokuqala esikhonjiswayo kulolu hlelo, kodwa sagcina singaqalanga ngenxa yokuthi uGigaba wababela enkantolo ngokushesha.
IMultiChoice eyengamele iShowmax, ikhiphe isitatimende izwakalisa ukusamukela isinqumo senkantolo esichithe uGigaba ukuvala ukukhonjiswa kwalolu hlelo. Isitatimende siveze ukuthi iShowmax izibophezele ukuxoxa izindaba ezithinta abantu ngqo kanti isinqumo senkantolo siyinikeza igunya eligcwele lokuthi iqhubeke nokukhombisa lesi siqephu.
Lesi siqephu kulindeleke ukuba sikhonjiswe ngomhla ka-15 kwephezulu kwiShowmax. Kulolu hlelo sekuke kwabonakala abesifazane okubalwa kubo uNonku Williams, uPalesa Madisakwane noSonia Booth kanti abanye okusalindeleke ukuba bavele, nguThandeka Dawn King, nguBeverley Steyn, nguZandi Nhlapho noMona Monyane.
Umshado kaNorma noGigaba uhlale obala ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi besathandana, nangesikhathi behlukana, kwagcwala kwabezindaba.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuningi okwavela ngokuziphatha kukaGigaba emshadweni wabo kanti khona abangasoze bayikhohlwa i-video kaGigaba eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana ezidlalisa ubuntu bakhe. UGigaba ungomunye wabaholi be-ANC abaqala ukugqama ngesikhathi esengumengameli wophiko lwabasha, i-ANC Youth League.