07 | Izindaba

Friday, 02 October  2026

Ubuyela kwi-gospel uJudith Sephuma

Uthi  ukuba kwiThe Masked Singer kumfundise okuningi ngaye nomculo... 

Lo mculi uthi abalandeli bebekhala ngokuthi wabashaya nge-view once... 

Image

Lucky Cain

KUMTHATHE iminyaka ewu-9 ukubuyela emculweni we-gospel uJudith Sephuma (osezithombeni), omatasa nokulungiselela umcimbi wakhe obizwa ngokuthi, "A Worship Experience", ozoba seTheatre of Marcellus, e-Emperors Palace, eGoli, ngomhla ka-27 kuNovember nonyaka.

UJudith, osanda kuba sematheni ngokuphuma kowamanqamu emncintiswaneni wohlelo lukamabonakude, iThe Masked Singer SA lapho ebecula khona ezifihlile, uthe ukuba kulolu hlelo kumnikeze ithuba elanele ukuzilungiselela ukubuyela emculweni we-gospel.

Image

"Kulolu hlelo ngikwazile ukuphuma kancane ekubeni nguJudith, ngenze into ehlukile kakhulu kunaleyo abangazela yona," kusho yena.

Uthe ukuhamba ibanga elimfinyelelise kowamanqamu kulolu hlelo, kumenze wabona ukuthi akayena nje umculi wohlobo oluthize lomculo kodwa ungumculi jikelele, okwaziyo ukusabalala enze nezinye izinhlobo zomculo.

Image

UJudith uzakhele udumo ecula umculo we-jazz ne-soul, ngokuhamba kwesikhathi usabalale wangena kwi-gospel njengoba eke wacula neqembu iSpirit Of Praise. Uthe nakuba bese kunesikhathi ephumile kwi-gospel, ubone kufanele ukuba aphinde azibonakalise kulolu hlobo lomculo.

Image

 UJudith useke wakhipha izingoma okubalwa kuzo iCry, A Smile, A Dance, iMmangwane, I Remember nezinye. Uthe ngemuva kwalo mcimbi uzobe esehlela umzungezo wokuhambela amadolobha ahlukene kuleli lapho ezobe ezwisa khona abalandeli bakhe izingoma azobe eziqophe kuwona.

0