Izindaba | 07

Friday, 16 May 2025


Senyukele kwabayishumi isibalo sabashone engozini kuN2


Lokhu kuvele ngesikhathi iMeya uMthethwa iyoduduza imindeni yabaphangalele...
Image

YIZIDUMBU zezisulu zengozi eyenzeke emgwaqweni uN2, eMpangeni, okuthiwa idalwe yiloli okubikwa ukuthi umshayeli ukhale ngokozela.

Phumlani Gama

SENYUKELE kwabayishumi isibalo sabazalwane bebandla iNtathakusa Church In Zion, abashone engozini yemoto eyenzeke ngezithuba zasekuseni ngeSonto emgwaqweni onguthelawayeka uN2, eMpangeni.

Amakholwa aleli bandla ehlelwe yilo muga ephuma enkonzweni yesiguqo ebisemzini wakwaMyeni eGobandlovu, eSikhawini. Abesendleleni ebuyela emakhaya eDukuduku, eMtubatuba.

Izisulu bezihamba ngeHyundai H-100 eyiveni. Le moto ishayiswe yiloli elayisha izimoto namaloli asuke enezinkinga (breakdown), okunezinsolo zokuthi umshayeli wayo ubehlaselwe wubuthongo.

Iloli ingene ngemuva imoto ebilayishe amakholwa. Kule ngozi kushone abawu-8, ababili bashonele esibhedlela.

IMeya yaseMtubatuba uMnu Mxolisi Mthethwa, amakhansela nazisebenzi zomkhandlu, bahambele yonke imizi ewu-9 yababhubhe kule ngozi, okuyilapho kuvele khona ukuthi kubhubhe omunye futhi obelaliswe esibhedlela.

UMthethwa ubehambele le mindeni, iyonikezelwa ngokudla kokupheka ngesikhathi umasipala usaqhubeka namalungiselelo omngcwabo ozoba ngeSonto.

Kwabashone kule ngozi kube nguNkz Sarafina Magwaza (57), uNkz Celiwe Zikhali (55), uNkz Dudu Mthembu (52), uNkz Nobuhle Mkhwanazi (52), uNkz Cabangile Mavundla (52), Nkz Qhamukile Khumalo (40) uNkz Sihle Ndamase (24), uMnu Mphikiseni Sithole (57) noMnu Bongani Ndlovu (46).

Image

Inkonzo yomngcwabo izobanjelwa esikoleni eSilethukukhanya, eKhula Village, eMtubatuba.

Image

Ngakolunye uhlangothi izinhlelo ezinkulu zomngcwabo zizokwenganyelwa wuhulumeni waKwaZulu-Natal.

Phakathi kwezikhulu zikahulumeni okulindeleke ukuba zibe yingxenye yamngcwabo kubalwa noMnu Siboniso Duma onguNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal.

0