Izindaba | 07

Friday, 18 April 2025

Image

NGUMNU Martin Ziqubu ongumsakazi woKhozi FM.


OwoKhozi FM ukhuthaza imidlalo
yeshashalazi ezikoleni


Phumlani Gama

IKHUTHAZA ukubuyiswa kwezinhlelo zokufu-ndiswa kwemidlalo yeshashalazi ezikoleni, inkakha yomethuli wezinhlelo emsakazweni uKhozi FM.

UMnu Martin Ziqubu (67) obuye abe ngumli-ngisi wezinhlelo zikamabonakude, uthi likhulu ikhono elingavundululwa yizikole uma zinga-vuselela izinhlelo zokufundiswa kwemidlalo yeshashalazi. Uthi le midlalo iyithuluzi lokuhlo-nza ikhono lomfundi, kusukela ekukhuleni kwakhe.

Engxoxweni ekhethekile neLANGA Lempelasonto uthe, yena ikhono lokulingisa limthole esemdala ngo-1991. Ngaphambi kokuba angene emsakazweni, wayenguthisha. Waqala ukuba nguthisha ngo-1978, wathatha umhlalaphansi ngo-2018.

Uthi emuva kokuthatha umhlalaphansi, kuvuleke iminyango eminingi emkhakheni wezokulingisa.

"Ngo-1991 ngezwa ukuthi kudingeka abantu abazolingisa emdlalweni womoya. Umsebenzi ngawuthola ngosuku lokuqala. Uma sifika lapho kuyoqoshwa khona, wafike wangigaxa ijoka. Kusukela ngalolo suku ngisemsakazweni," kusho uZiqubu.

Unohlelo lokuqeqesha intsha engabafana

"Ngokubambisana nabanye abanumzane, sinohlelo lokuhambela izindawo ezahlukene, ngenhloso yokufundisa nokukhuthaza abafana ukuze bezokhula babe ngamadoda aqotho, anakekela imizi yawo. Abafana ngibakhuthaza ngokuthi bazethembe. 

"Ngiyaye ngibatshele ukuthi mina ngizethe-mbile. Ngaphezu kokuzethemba, ngethembe iphimbo lami, okuyilona engigadla ngalo eminyangweni eminingi. Namanje ngingume-thuli wezinhlelo nje kulo msakazo omkhulu kangaka, kungenxa yalo iphimbo lami, engabu-siswa ngalo.

Image

"Kungasiza kakhulu ukubhekwa kwekhono ezikoleni nasemiphakathini ngoba kulapho kungaba lula khona ukuhlonza ikusasa lomuntu. Ngiyazi ukuthi iningi lezingane zanamuhla liyaye lifune imidlalo yeshashalazi evezwa kumabonakude, kanti kalazi ukuthi kumnandi kangakanani ukulingisa emsakazweni.

"Futhi nje sekwaba lula ukulingisa emisakazweni ngoba okuningi sekwenziwa yimishini. Miningi imidlalo yomoya engibambe iqhaza kuyona. Ukungena kwami kulo mkhakha, kungivulele amathuba amaningi ngoba ngiyaqashwa, ngiyopha-tha izinhlelo emicimbini eyahlukene, kodwa sengi-yaye ngixolise uma ngicelwa ukuba ngiyophatha uhlelo emshadweni wabantu abasha, kungcono emingcwabeni," kuphetha uZiqubu.

0