07 | Izindaba
Friday, 25 July 2025
Umhleli walo mcimbi uthi iphinifa lidlale indima emqoka ukukhulisa abaningi abasezikhundleni manje...
Kuzoba nombukiso wemfashini, basine badedelane abaculi noDJ...
Lucky Cain
IZOVALWA ngomcimbi wamaphinifa ohambisana nokuthuthukisa nokucobelela ngolwazi ngezindlela ezahlukene inyanga yabesifazane u-Agasti, obizwa ngePhinifa On Fleek, ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
Lo mcimbi wethulwe ngokusemthethweni ehhotela lomntakabani iBeverly Hills Hotel, eMhlanga ngoLwesithathu, lapho uchazwe njengozothuthukisa abesifazane ngezamabhizinisi nangezihloko ezibathintayo ezahlukene.
UNkz Nokuthula Madame Nokx Khasibe ongumhleli walo mcimbi uthe, wonke umuntu unomlando othize ngephinifa.
"Uyabona nje, iningi lethu likhuliswe ngabesifazane abebegqoka amaphinifa emakhaya, kanti ngaphansi kwala maphinifa bekunowesifazane oqinile, oqotho obeqinisekisa ukuthi umuzi umile uma obaba bengekho besematohweni.
"Ukuba nomcimbi lapho siqhakambisa khona iphinifa, sifuna ukubuyela kwimbokodo eyakwazi ukukhiqiza odokotela, othisha, izifundiswa nakuba yona ingakwazanga ukuthola ithuba lokufunda," kusho uMadame Nokx.
Uthe iphinifa lidlale indima emqoka ukukhulisa abantu abaningi asebesezikhundleni ezimqoka empilweni.
"Ngiyazi ukuthi bakhona abesebelibukela phansi iphinifa, manje sekuyisikhathi sokuthi konke lokhu kushintshe. Okuhle manje wukuthi nawo amaphinifa akusewona lawa abazali bethu abakhule bewagqoka, kodwa asesezingeni eliphezulu," kusho yena enezela ngokuthi ingakho lo mcimbi awethule endaweni esezingeni eliphezulu.
Mayelana nomcimbi wangomhla ka-30 ku-August, uNokx uthe kuzobe kuwusuku olumqoka njengoba luzoqala ngenkulumo-ngxoxo ezobe iholwa ngabesifazane abasezikhundleni ezahlukene.
"Ngemuva kwenkulumo ngxoxo, sizoba nombukiso wemfashini lapho abasiki bengqephu bezobe bakhangisa ngemfashini yamaphinifa ahlukene. Nami ngizobe ngithula ngokusemthethweni amaphinifa ami abizwa ngePhinifa On Fleek, azotholakala kuwona lo mcimbi," kuchaza uMadame Nokx.
Uthi ngemuva kombukiso wemfashini, kuzobe sekuqala idili lomculo lapho kuzobe kuboshelwe abaculi noDJ abahlukene.
Phakathi kwalabo abazobe benandisa kubalwa uMthandeni SK, uMawhoo, uDJ Siyanda, uJumbo, uDladla Mshunqisi, iQwabe Twins, uNtencane, uLimit, uGandaganda, uMjolisi, uDJ Cndo, uDJ Happygal, uDJ Sjerere, uNontokozo Mkhize nabanye, kanti abaphathi bohlelo nguNgizwe Mchunu noSelbyonce.
Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukutholakala eProTickets asukela ngo-R200 kuya ku-R1500
awe-VVIP.
Uphethe ngokuveza ukuthi kulo mcimbi kumenywa wonke umuntu, owesilisa nowesifazane, njengoba kuzobe kucotshelelwana ngolwazi oluthinta wonke umuntu.