07 | Izindaba
Friday, 17 July 2026
UNjabulo uthi kungokokuqala ngqa ehlela umcimbi walolu hlobo...
Bathi bathwale kanzima ukuhlela lo mcimbi, njengoba besekunamahlebezi athi bayathandana...
NguNjabulo Langa
Thokozani Ndlovu
INDODANA yomculi kamaskandi uThokozani Langa, uNjabulo nayo ecula umaskandi, isisebenzisana noSabelo Sithole odume ngelikaNtombeningi ukuba nomcimbi ohlanganisa amabhinca nomama bamaphinifa obizwa ngokuthi, Ugodo Nephinifa.
UNjabulo ongumculi aphinde ahlele imicimbi kamaskandi, uthi kuzoba ngokokuqala eba nomcimbi walolu hlobo ozoba seSoweto Equestrian Centre, eGoli.
Kuwona ubophele izintandokazi zabaculi okukhona kuzona Igcokama Elisha, uNtencane, uMjolisi, uMnyovu, Imfezemnyama, uFeza, uKhuthuza, uQuality, uMjikelo, uLimit, Inkosi Yamagcokama, uMzukulu, uMenzi, uQueen Lolly, uQhabula nabanye.
NguNtombeningi Sithole
Echaza ngawo, uthe inhloso wukuhlanganisa amabhinca nomama bamaphinifa njengoba umcimbi wamaphinifa uvamise ukuhlelwa nguNtombeningi.
Uthi kuqale kwabanzima ukuba bahlangane esidlangaleni noNtombeningi owaziwayo ukuthi uthandana nabulili obufanayo nobakhe.
UNtombeningi uthe kuyinjabulo ukuthi basebenzisane noNjabulo, futhi ubone kuwumqondo omuhle ukuthi bahlanganise umcimbi walolu hlobo.
“Kuhle ukuthi senze into esikholelwa kuyona, nokwenza isiqiniseko sokuthi amabhinca kawahambeli kude nemicimbi yabantu besifazane,” esho.
Naye uyichithile eyokuthi kunobudlelwano bothando anabo noNjabulo, wathi bahlanganiswe wumsebenzi.
UNtombeningi uke wasematheni ngokuphumela obala ngokuthi uthandana nomculi kamaskandi, Imfezemnyama. Nabo bakuqinisekisa ukuthandana kwabo ngaleso sikhathi, kodwa manje sekuyinto ebukeka isiwumlando, njengoba Imfezemnyama ibonakala igxile engondusweni yayo.
Amathikithi omcimbi abiza u-R150, aweVIP awu-R600, kuthi aweVVIP abe wu-R1500. Atholakala eWebtickets, kanti ngeke atholakale esangweni ngelanga lomcimbi.