Izindaba | 07
Friday, 23 May 2025
Uma behluleka, kuyosho ukugqabuka kwegoda othandweni...
Kuzolandelwa abantu abathathu asebebekelwe umnqamlajuqu yizinqandamathe zabo
Lucky Cain
LUZOBEKA ubudlelwano bezithandani engcupheni uhlelo lukamabonakude lokunciphisa isisindo olubizwa ngokuthi Lose Weight or Lose Me, oluzoqala ukukhonjiswa ngomhla ka-8 kuJulayi nonyaka esiteshini sikamabonakude esingaphansi kweMultiChoice, iMzansi Magic.
Lolu hlelo lunxusa izithandani ukuba zibhalele kulolu hlelo ngenhloso yokunxenxa omunye wazo ukuba anciphise umzimba, noma ashiye othandweni lwazo.
Ngokusho kwabakwaMultiChoice, lolu hlelo luzolandela abantu abathathu asebebekelwe umnqamulajuqu yizithandwa zabo, zibaphoqa ukuba banciphe ukuze babe yimiqemane, bangazitholi besala bencela izithupha ngenxa yokukhuluphala.
Kulolu hlelo laba abathathu bazobonakala belwelwa uthando lwabo ngokuthi balandele umyalelo wokuncipha ngenhloso yokungalahlekelwa yizithandwa zabo.
Isiqephu ngasinye sizoveza ukubaluleka kokujima, ukudla kahle izinto ezinomsoco nokuba sesimweni esifanele ngokomqondo nangokomphefumulo.
Kuzovela ukuthi kungabe laba bazokwazi yini ukumelana nalezi zingqinamba abazobe bebekelwe zona, ngenhloso yokuphumelelisa izicelo zezithandwa zabo.
Kulolu hlelo kuzophinde kubonakale uPhakamile Ngubane oyiDietician, ozobe egxile ekuqinisekeni ukuthi laba badla ngendlela efanele, noDuduetsang Phele ongumqeqeshi wodumo ogxile kwi-yoga nokujima kwasakudansa neZumba.
Abaqeqeshi uSibongile Ngoma noTsepang Mokoena, okuyibona abazobe beqeqesha laba ukuba imizimba yabo ihlale iwumqemane.
Lolu hlelo luhlose ukukhuthaza ukuthi abantu abasebudlelwaneni basekane, futhi bangayeki ukuzinakekela noma ngabe bajabule kanjani empilweni. Okunye wukukhuthaza ukuthandana ngendlela enempilo nokuthanda imizimba yabo.