Izindaba | 07

Friday, 27 June 2025

Image

Lizofakwa ohlwini lwamagama abadlwenguli elowanukubeza umakhelwane


Isisulu sathi sakwazi ukumbona ummangalelwa
ngoba kwakukhanya ugesi 


Phumlani Gama

LIZOSHICILELWA ohlwini lwamagama abantu abayingozi, futhi abalahlwe ngamacala okuhlukumeza ngokocansi igama lowesilisa (49), olahlwe yicala lokudlwengula umakhelwane wakhe eMakhowe, eHluhluwe.

Lesi sigameko senzeka ngomhla ka-5 kuNcwaba (August) ngo-2022. INkantolo eNkulu yaseMtubatuba ikhiphe isigwebo sokudilikelwa yijele kukammangalelwa, eligodliwe igama lakhe.

Kubikwa ukuthi ummangali (41) okungowesifa-zane owagilwa ngumakhelwane wakhe, wehlelwa yilo muga ephuma komunye umuzi wakwamakhelwane wakubo, ngesikhathi ehlangana nommangalelwa ngezithuba zantambama.

Kuqulwa icala kule nkantolo, isisulu sathi sakwazi ukumbona ummangalelwa ngoba kwakukhanya ugesi ngesikhathi kwenzeka isigameko.

Inkantolo ikhiphe isigwebo emuva kokuba ilalele ubufakazi obethulwe yibona bonke abathinte-kayo kuleli cala, okuhlanganisa nombiko kadokotela owahlola isisulu, kwatholakala izinsalela zolibofuzo olwakhomba ummangalelwa.

Umgilwa watshela inkantolo ukuthi uzizwa engaphephile njengoba wehlelwa yilesi sigameko ephambi kwesango lomuzi wakubo.

Umshushisi uNkz Siphelele Mdluli, uphakamise ukuthi umdlwenguli aphucwe ilungelo lokuphatha isibhamu, futhi igama lakhe lishicilelwe ohlwini lwamagama abantu abanukubeza ngokocansi.

Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uMnu Khethukuthula Sangweni, uthe lesi sigwebo siveza indlela asukunyelwa ngayo amacala ocansi.

"Sizimisele ukulwela abagilwa bodlame lobulili ukuze bezothola ubulungiswa. Sincoma umbuso nokulwela ukuthi kukhishwe isigwebo sokudilikelwa yijele," kuphetha uSangweni.

0