Izindaba| 07
Friday, 06 June 2025
NGAMALUNGU ebandla athathwa ngesikhathi kubanjwe umkhuleko.
Kuzokhulekelwa idimoni lemijovo edla lubi enkabeni yeTheku
Phumlani Gama
UKWANDA kwezigameko zobugebengu emigwa-qweni yedolobha eThekwini, sekusukumise ibandla labasindisiwe iDurban For Jesus, eliholwa nguDkt Favour Mabaso, ukuba lihlele ukhukhulelangoqo womkhuleko, wokukhulekela izinkinga ezihlasele enkabeni yeTheku.
Lokhu kulandela ukwanda kobugebengu obusha, okubikwa ukuthi budla lubi kuleli dolobha, bokujovwa kwabantu ngesidakamizwa esibenza baphelelwe ngamandla, babe nesiyezi qede baqolwe. Phakathi kwezinkinga ezizokhulekelwa, kubalwa ubugebengu obudla lubi kuleli dolobha, ukubulawa kwabesifazane nokubanjwa kwenkunzi.
Ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene, iningi labantu likhala ngobugebengu bezidakamizwa, okuthiwa zifakwa kubantu besifazane kusetshe-nziswa imijovo. Kuthiwa kunabantu abaphatha imijovo efakwe izidakamizwa edolobheni laseThekwini.
NGUMFU Favour Mabaso ongumholi webandla, iDurban For Jesus.
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi lokhu kwenziwa kubantu besifazane nezingane zesikole ezingama-ntombazane.
"Esikhathini esiningi izigilamkhuba ziyaye zigade abantu abawela imigwaqo emarobhothini. Ngesikhathi kunesiphithiphithi sokuwela kwabantu bebaningi, lezi zigilamkhuba zihlaba abantu ngemijovo ebenza baphelelwe ngamandla.
"Emuva kwesikhashana isisulu siyaye sizizwe siphelelwa ngamandla, kube sengathi ngumuntu onesiyezi, emuva kwalokho aquleke.
"Laba bantu bayakuthatha bahambe nawe, bayokunukubeza emafulethini abahlala kuwona. Abanye baphucwa izinto zabo ezibalulekile abasuke beziphethe," kuxwayisa ilungu lomphakathi ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uMabaso, uthe umkhuleko wabo kuzobe kungokwesibili kulo nyaka, wenzeka.
"Sizokhulekela izinkinga ezihlasele lapha eThekwini. Ngokubambisana nabefundisi, sithathe isinqumo sokuba sisebenzise umkhuleko ukuze silwe nenkinga ehlasele. Amaphoyisa ayasebenza, kodwa kufanele siwahlangabeze nathi njengabefundisi ngomkhuleko.
"Thina sigcotshelwe ekutheni silwe nempi ngomkhuleko. Umkhuleko wethu uzobe ukhona lapha enkabeni yedolobha iTheku ngomhla ka-21 kuJune kophezulu. Sike saba nawo ngoFebhuwari kuwona lo nyaka.
"Abanye bethu bazobe bephethe izingqwembe ezinemibhalo eqwashisayo. Silindele ukuba sizothola ukwesekwa nangamanye amalungu amabandla ahlukene," kuphetha uMabaso.