07 | Izindaba

Friday, 12 December 2025

Image

Kuzodla u-R1 billion ukuvuselela eyobumnandi ebhishi, eThekwini

Bathi lokhu kuzoheha nabatshalimali bese kuthuthuka iTheku

Lucky Cain

UMASIPALA weTheku uthe kuzobiza u-R1 billion ukuvuselela indawo yokujabula ebhishi eyayaziwa ngeDurban Funworld.
 
Le ndawo eyayinedumela ebantwini abebevakasha ebhishi laseThekwini, sekunesikhathi yavalwa njengoba umasipala wathembisa ukuthi izokwakhiwa kabusha.

NgoLwesithathu izikhulu zalo masipala ziveze ukuthi seziqalile izinhlelo zokuthi le ndawo yakhiwe kabusha. Isizobizwa ngokuthi yiDurban Amusement Park. Kulindeleke ukuthi ukwakhiwa kwayo kuphothulwe ngo-2027.

UMasipala weTheku uzosebenzisana nonjiniyela abanamagalelo emhlabeni jikelele

Kuvele ukuthi izoba sezingeni lomhlaba, njengoba kuzosetshenzwa nanezinkampani zonjiniyela ezimbili zase-Italy, esezizakhele igama ngokwakha iFerrari World, i-Universal Studios neDisneyland.

IMeya yalo masipala uMnu Cyril Xaba (
osesithombeni esingezansi), ithe bajabulile ngokwakhiwa kwale ndawo, njengoba kuzokhiqiza imisebenzi elinganiselwa ku-900 yosonkontileka, bese uma isiphothuliwe, ikwazi ukuqasha ngokugcwele izisebenzi eziwu-500.

Imeya ithe ukuphothulwa kokwakhiwa kwale ndawo kuzoqhubeka nokubeka leli dolobha kwibalazwe, njengendawo yekhethelo yezokuvakasha.

Image

UXaba uphinde waveza nokuthi ukuba khona kwale ndawo, kuzokhulisa nomnotho walo masipala, okuyinto emqoka kakhulu.

IMenenja yalo masipala, uMnu Musa Mbhele, ithe sekuye ngamagama enkehli, ngokuthi bazoqhubeka nokuheha abatshalimali abazotshala imali ebhishi laseThekwini.

"Njengoba sasishilo ukuthi iTheku kalisophinde lifane, ngakho ukuvuselelwa kwale ndawo kusahamba emazwini esawasho.  Sisendleleni ekahle ukuvuselela iTheku, libe yindawo esezingeni lomhlaba," esho.

Khona manjalo, sekuphothuliwe ukwakhiwa kwezichuse ezimbili ezisebhishi, zabaholi be-ANC, esikaMnu Oliver Reginald Tambo, nesikaMnu Nelson Mandela, okulindeleke ukuthi zivulwe kungekudala.


0