07 | Izindaba

Friday, 15 August 2025

Image

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uNgqongqoshe wezokuVakasha nokuThuthukiswa koMnotho uMfu Musa Zondi, neMeya yaseKing Cetshwayo, uMnu Skhumbuzo Dlamini, bevula ngokusemthethweni isikhungo sezobuchwepheshe eVumanhlanvu, eNkandla.

Kuvulwe isikhungo sezobuchwepheshe

Mthobisi Sithole

UYALE intsha yasemakhaya ngokubaluleka kokuzithuthukisa ngolwazi kwezobuchwepheshe, uNdunankulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli. 

Bekuvulwa isikhungo sezobuchwephese bobuxhakaxhaka bamakhompyutha endaweni yaseVumanhlamvu, eNkandla, ngoLwesibili, ngesikhathi undunankulu ethula le nkulumo.

Lesi sikhungo esibizwa ngeVumanhlamvu Digital Centre, sakhiwe yiMoses Kotane Research Institute, yiDurban University of Technology noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal.

UNdunankulu uNtuli uthe ngenxa yalesi sakhiwo, ubona ikusasa lentsha lizoshintsha kakhulu.

Image

Lesi sikhungo sizophucula impilo yentsha yaseNkandla

"Lesi sikhungo esivuliwe, indawo yaseNkandla sizoyishintsha kakhulu, nentsha izoba nemfundo ezoba ngcono.

"Ngiyafisa ukuthi umphakathi usivikele lesi sikhungo ngoba siyikusasa lesizwe. Mphakathi, kubalulekile ukuba nithande ikusasa lezingane zenu ngoba le mishini efakiwe, iyikho konke okudingwa ngabantwana ukuze bakwazi ukumelana nezimo zempilo esiphila ngaphansi kwazo. 

"Ngiyafisa ukuthi umphakathi ube nolwazi lokuthi lesi sikhungo sisho ukuthini empilweni yawo," kusho uNtuli. 

Uthe umhlaba okuphilwa ngaphansi kwawo ufuna ukuthuthuka kwezobuchwepheshe. Unxuse ukuthi izikhungo zobuchwepheshe zakhiwe ezindaweni eziningi zasemakhaya, ukuze siguquke sonke isifundazwe.

"Ngibonga kakhulu kwi-United States Consulate, iDUT neNedbank, okuyibona abenze lo msebenzi waba yimpumelelo. Siyakuncoma ukuzinikela kwalezi zikhungo ekunciphiseni igebe lezokuxhumana emiphakathini yasemakhaya," kusho uNtuli.

Uthe i-internet kumele idonse nangaphandle kwalesi sikhungo ukuze abaseduzane naso bakwazi ukuyithola, bayisebenzise.

Image

I-DUT isondezela abantu ubuchwepheshe emakhaya

"I-DUT kumele kubanjiswane nayo, ihanjiswe emiphakathini yasemakhaya njengoba isikwazile ukubona ukubaluleka kokusondezela intsha emakhaya uqeqesho lwezobuchwepheshe.

"Kunemiphakathi esilele kakhulu emuva, engazazi ezobuchwepheshe, efanele ukulekelelwa," esho.

UNdunankulu wethule nohlelo lokwakhiwa kwesikhungo samakhompyutha eBizimali High School.

Uthe kulindeleke ukuba siphothulwe ekupheleni kwenyanga ezayo ukwakhiwa.

Ngakolunye uhlangothi, uNgqongqoshe wezokuVakasha nokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, uthe lesi sikhungo siwuphawu olumqoka lokuthuthukiswa kwamakhono nokuletha umnotho esifundazweni.

UMphathi weDurban University of Technology (DUT), uSolwazi Thandwa Mthembu, uthe njengoba inyuvesi isebenza kakhulu ngezobuchwepheshe, bazimisele ngokwelula isandla.

"Kuningi okumele kwenziwe lana eNkandla. Kubalulekile ukuba sisukume, sibhukule ukulekelela imiphakathi yasemakhaya," esho.

mthobisis@ilanganews.co.za

0