07 | Izindaba  

Friday, 31 October  2025

Image

 NguMandisa Khuboni othi usephenduke isilomo emuva kokwethweswa umqhele emncintiswaneni kaMiss Icora.

Kumvulele iminyango nakwamanye amazwe ukunqoba okaMiss Icora FM


Le ntokazi ibuye isebenzisane nabezempilo ukuqwashisa ngezigulo zengqondo...


 Maduze nje iya eSeychelles, lapho iyokhangisa khona ngengqephu...

Lucky Cain 

SIQHAKAMBISA umcimbi kazime kaMiss Icora FM isiphalaphala sentokazi esesiphenduke inyama kubasiki bengqephu bakuleli nangaphandle uMandisa Khuboni (26), odabuka eMgungundlovu kodwa osezinze eSikhaleni, eMpangeni.

Image

UMandisa othweswe isicoco sikaMiss Icora ngonyaka owedlule, uthi kusukela ehlomule ngalesi sicoco, kuningi osekuvulekile empilweni yakhe njengoba eklonyeliswe ngesicoco seBest New Face emcimbini weDurban Fashion Fair yalo nyaka.

Uthi uphinde wathola nezimemo zokuyokhangisa ngengqephu yabasiki bengqephu abahlukene kwiSeychelles Fashion Week, nakwi-Accra Fashion Week eGhana.

Ekhuluma neLANGA ngale mpumelelo aseyitholile kusukela ehlomule ngesikaMiss Icora, uthe namanje usamangele ngeminyango esivulekile empilweni yakhe.

Image

"Miningi iminyango evulekile futhi ngakwazi ukuthi ngibe nakwibalazwe, abasiki bengqephu bangibone futhi baphinde bafune ukusebenza nami njengoba ngizifela ngokumodela ngengqephu, nangokungenela imincintiswano kazime," kusho uMandisa oneziqu zePublic Management azithole Ethekwini TVET College.

Uthe ngesikhathi engenela lo mncintiswano kazime wayenezinhloso zokungena ngokugcwele kulo mkhakha, kanti ubengakulindele ukuthi konke kuzokwenzeka ngokushesha singakapheli nesikhathi esingangonyaka ethweswe lesi sicoco.

Image

"Ngiyabonga ngalesi sicoco ngoba kuyimanje abasiki bengqephu bakuleli nabangaphandle sebengibonile. Ngikhuluma nje eSeychelles ngizobe ngikhangisa ngengqephu yabasiki bengqephu abahlukene bakuleki, nangaphandle.

"Kanjalo naseGhana kuzobe kuyimina ngedwa owakuleli ozobe emodelela abasiki bengqephu abahlukene," kusho uMandisa ebalula abasiki bengqephu okubalwa kubo iPrecious Lulu Couture neSistas Felas, njengabanye azobe ekhangisa ngengqephu yabo.

UMandisa ngaphandle kokumodela uphinde asebenzisane neZululand Mental Health Institution, athe kusenhliziyweni yakhe ukusebenzisana nale nhlangano.

 "Abantu abaningi asebekhulile ezindaweni zasemakhaya kabaziqondi izigulo ezihambisana nengqondo, ngakho kumqoka ukuthi njengoba sengisemehlweni abantu, sifundise futhi siqwashise ngaso ngaphandle kokuthi sahlulele, kodwa sibanikeze ukwesekwa abakufanele asebehaqekile kanti nalabo abaphila nabo siqinisekise ukuthi bayasiqonda," kusho le ntokazi.

Image

UMandisa uveze ukuthi akakhethi ukuthi umodela kokazime noma umodelela ukukhangisa ngengqephu.

 "Mina angikhethi ngoba ngiyazifela ngokumodela, kungenzeka nje ngonyaka ozayo ngingenele okaMiss SA," kusho le ntokazi ihleka.

0