07 | Izindaba

Friday, 16 January 2026

Image

Kugwetshwe obewaka abantu, ebathembisa izindlu

Ubeqole ngisho osomabhizinisi abasemkhakheni wezokwakha, ebathembisa umsebenzi

Phumlani Gama

UGWETSHWE izinyanga eziyisithupha ebhadla ejele, noma  akhokhe inhlawulo ka-R10 000 uNkz Nozipho Mathenjwa waseJozini, olahlwe yicala lokuqola amalungu omphakathi imali, ewathembisa ukuthi azothola izindlu zomxhaso kahulumeni.

UNkz Mathenjwa uboshwe ngamaphoyisa emuva kokuba kwenziwe uphenyo ngokubambisana kwezinhlaka ezahlukene ezijutshwe wuMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, KwaZulu-Natal.

Akapholisanga maseko, wavele walivuma icala eNkantolo yeMantshi yasoBonjeni.


Okhulumela lo mnyango KwaZulu-Natal, uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthe uNkz Mathenjwa ubengagcini ngokuqola amalungu omphakathi, kodwa uqole nosomabhizinisi abasemkhakheni wezokwakha, nabo abebakhokhisa imali, ebathembisa ukuthi bazothola imisebenzi uma sekuqaliwe ukwakhiwa kwezindlu.

Uzoboshwa izinyanga eziyisithupha

"UNkz Mathenjwa ubefunwa kakhulu ngamaphoyisa. Ubethembisa imizi, amathenda nemisebenzi. Icala ulivumile. Inkantolo inqume ukuba ayohlala ejele izinyanga eziyisithupha, noma akhokhe inhlawulo.

U-R5 000 wayo uhoxisiwe izinyanga ezintathu. Ungqongqoshe walo mnyango uMnu Siboniso Duma, wexwayisa amalungu omphakathi ukuba ahlale ngokuqaphela amaqola aphume umkhankaso wokuqola abantu, ebathembisa imisebenzi namathenda.

"Ziningi izindlela ongazisebenzisa umphakathi ukubheka ukuthi umuntu uyisisebenzi sawo ngempela yini umnyango.

"Bangangena kwezobuchwepheshe, kubhekwe ukuthi uyavela yini ohlwini lwezisebenzi zomnyango," kuphetha uSibiya.

0