07 | Izindaba
Friday, 30 October 2026
NGUMCULI uKhazozo, osemathengi ngengoma ethi, Thousand.
Thandi zondi
UKUNGAKWAZI ukudlala nezinye izingane ngenxa yokuphila nokukhubazeka, kumenze waba nothando lomculo uBonganicebolenkosi 'Khazozo' Makhaza (31).
Le nsizwa isematheni kulezi zinsuku ngengoma yayo entsha ethi, iThousand, ayenze nesilomo somculi, uBig Zulu.
UKhazozo uthi ngesikhathi eneminyaka ewu-3, waba nenkinga yokungaboni emehlweni, eyamqhelisa kontanga yakhe.
Umculo yiyona nto abexhumana
kahle nayo
"Ngaleso sikhathi, into engangikwazi ukuxhumana nayo kahle, kwakuwumculo, Nasekhaya bekunenkozo yaseZayoni, futhi kuneqembu lomculo wesicathamiya. Umculo kwagcina kuyiyona nto engiphilisayo," esho.
Muva nje ezinkundleni zokuxhumana uKhazozo uzakhele ugazi ebonakala emcimbini kaBig Zulu, obuseGold Reef City, eGoli, enandisa naye esiteji.
UKhazozo uthi uqale ukuzibandakanya nomculo ngo-2015, ngesikhathi eqopha ingoma yokuqala esihloko sithi, Nqobile.
Ngemuva kwalokho uthi ubeselokhu enza ama-single, awafake kuTikTok. Ngaphandle kwalokho, ubebuye alingise emidlalweni kamabonakude, ebizwa ngeLokshin Bioskop.
Echaza ngomsebenzi awenze noBig Zulu, uthi besekuphele iminyaka emine ezama ukuba nengoma azoyihlanganisa naye, kepha kungenzeki.
"Bengilokhu ngifisa ukuthi anginike ithuba, njengoba ngaqala ukuhlangana naye kwi-show yabantu abaphila nokukhubazeka, iWeekend Arts Festival, eba seThekwini.
"Ngaphinde ngamcela ukuthi angifake
kulena ayenza minyaka yonke eBergville, nakhona wavuma," esho.
UKhazozo usesebenze nabaculi abadumile
UKhazozo uchaza le ngoma njengokufezeka kwephupho lakhe, njengoba esesebenze nabaculi abadumile, okubalwa kubona uHeavy K, uBabsy Mlangeni noSteve Kekana.
"Bengilokhu ngizitshela ukuthi uBig Zulu akakholelwa kimina, kepha engikubonile wukuthi uyakholelwa kakhulu kumuntu, futhi unomoya omuhle.
"Ukusebenza kwethu ndawonye kwenze omkhulu umehluko nasemakhasini ami ezokuxhumana, abalandeli bami bakhula nsuku zonke," esho.
Uthi ukufezeka kwephupho lakhe kube yisandla sabalandeli bakhe bakwiTikTok, abebelokhu bemnxusela kuBig Zulu ukuthi angene engomeni yakhe, afake umucu naye.
UKhazozo uthi isifiso sakhe esikhulu ngesokuthi abaphila nokukhubazeka babe nokuzethemba ngamathalente abo.
"Ngisazoqhubeka nomculo ozophilisa abantu. Ngifisa ukunika ithemba abazali abanenzingane eziphila nokukhubazeka ukuthi nazo ziyefana nezinye, " kuphetha uKhazozo.