07 | Izindaba
Friday, 24 July 2026
Thandoluhle Ngubo
UMNYANGO wezaseKhaya ucacisa ngokuzokwenzeka kwabazohluleka wukubhalisa imishado yabo yesintu ngaphambi kokuphela kwesikhathi esiwunqamulajuqu, samhla ka-30
ku-Agasti nonyaka.
Lokhu kuvele ngesikhathi leli phephandaba linengxoxo nomkhulumeli walo mnyango uNkz Ndileka Cola, ocacise ukuthi abaganene ngalolu hlobo abangeke bayibhalise imishado yabo kulesi sikhathi, akusho ukuthi imishado yabo izothathwa njengengekho.
"Imishado yalaba abangeke bayibhalise kuze kudlule isikhathi esibekiwe kakusho ukuthi imishado kayisekho emthethweni. Yonke imishado yesintu isemthethweni, ngaphansi komthetho
i-Recognition of Customary Marriages Act of 1998, kodwa ukungabhaliswa kwayo kulesi sikhathi kuzobe kuchaza ukuthi imigudu yokubhaliswa kwayo ngemuva komhla ka-31-Agasti, izobe seyiqine kakhulu.
"Njengamanje kwabafisa ukubhalisa, kudingeka baye emahhovisi omnyango aseduze nabo bephethe omazisi babo, behamba nofakazi basemindenini yomibili, baphathe izivumelwano zamalobolo uma zikhona, bagcwalise ifomu
i-BI-1699, bachaze isizathu sokuthi babengabhalisi ngani kusenesikhathi, bese bekhokha imali yokubhalisa.
"Kusuka ngoSepthemba imigomo izoqina, njengoba kuzobe sekuhanjiswa ngokomthetho iRecognition of Customary Marriages Act of 1998, engaphoqa abanye ukuthi baye enkantolo bayothola izincwadi ezigunyaza ukubhalisa imishado yabo," esho.
Lo mnyango ukhiphe isaziso emasontweni amabili edlule, ukhumbuza izakhamizi zakuleli ezingayibhalisile imishado yazo yesintu, ukuba zisebenzise leli thuba, zibhalise imishado yazo.
UNkz Cola, uthi abangayibhalisile imishado yabo ngeke bavikeleke ngendlela phambi komthetho, njengoba bezobe bengenawo amaphepha afanele okubalwa kuwo izitifiketi zemishado.
Uthi ukungabi nawo amaphepha afanele kubabeka engcupheni yokuthi esikhathini esizayo bangawatholi amafa uma kuwukuthi oyedwa kubo uyadlula emhlabeni, ukumeleka ngendlela uma befaka isicelo sesehlukaniso nokuvikeleka ngaphansi kwemithetho iMatrimonial Property Laws.
"Kungakho sinxusa, futhi sigqugquzela izakhamizi ezingayibhalisile imishado yazo yesintu ukuba zilisebenzise leli thuba elisele, zibhalise," kuphetha uNkz Cola.