Izindaba | 07

Friday, 09 May 2025

Izingqinamba ziphoqe umlingisi ukuba afundele ukwenza ifenisha

USMANGARERO uthi umkhakha wokulingisa uyaphenduphenduka...

Ukhuthaza nabanye abalingisi ukuba babheke abangakwenza engxenye

Image

Ngumlingisi uSmanga "Smangarero" Mkhwanazi.

Lucky Cain

UTHATHE isinqumo sokuyofundela ukwakha ifenisha umlingisi wemidlalo kamabonakude okubalwa kuyo Uzalo, iLingashoni neHostela uSmanga "Smangarero" Mkhwanazi, kulandela ukugqoza kwemisebenzi kulo mkhakha wezokulingisa.

Image

uSmangarero" uthi kuyaphileka ngomkhakha wefenisha, futhi namathuba akhona.

Lo mlingisi osekunesikhathi engabonakali kumabonakude utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ngenxa yokuthi kumele ondle umndeni wakhe, uthathe isinqumo sokuyokwenza izifundo zokwenza ifenisha NQ Level 5 esikhungweni iMy Space, eMbumbulu.

Uthe nakuba ethathe lesi sinqumo akusho ukuthi uyashiya ekulingiseni kodwa uvula izimpiko zakhe njengoba enelinye ikhono lokusebenzisa izandla.

Image

"Ngibonile ukuthi ukuthwala udumo ngeke kungiyise ndawo, futhi ngeke kuwondle umndeni wami, ngase ngithatha isinqumo sokuba ngiyofundela okunye engingakwenza ukuze ngiphile," kusho uSmangarero.

Uthi ukwenze lokhu ngoba akazwani nokudatshukelwa, njengoba kuvamise ukwenzeka kwabanye abalingisi uma kungasahambi kahle.

"Esikhathini samanje kumqoka ukuthi ungenzi umsebenzi owodwa, ikakhulukazi kulo mkhakha wethu esingazi ukuthi kusasa lisiphatheleni. Namhlanje uyasebenza, kusasa utshelwa ukuthi uphelile umsebenzi.

"Ngiyafisa nabanye ozakwethu kulo mkhakha bangagcini ngokugxila kulo mkhakha kuphela, babheke nezinye izindlela abangaziphilisa ngazo ukuze uma kwenzeka libashonela ngala, bakwazi ukuqhubeka nokuphila," kusho uSmangarero.

Uthi ukhethe ukufundela ukwakha ifenisha ngenxa yokubona amathuba akhona angakwazi ukuzivulela wona.

"Ngaphandle kwamathuba okusebenza  namathuba okungena kuleli bhizinisi ngiwabonile, akhona njengoba bebaningi abantu abawadingayo, kusukela kulabo abasemahhovisi kuya kulabo abasebenza ngokuhlobisa emicimbini nasemakhaya, akekho ongayidingi ifenisha noma ngabe ngeyani," kusho lo mlingisi.

Image

NguSmanga "Smangarero" Mkhwanazi kweminye yemidlalo alingisa kuyo.

Uveze ukuthi ushadelwe, unezingane ezimbili. 

"Ngisawuthanda lo mkhakha futhi ngisazimisele ukuqhubeka nawo uma amathuba evuma, kodwa angifuni ukuthi uma kusathule, impilo yami ithule. Kumele umndeni wami uqhubeke ukwazi ukuphila, futhi ngikwazi nokumelana nezidingo zawo," kusho yena.

0