07 | Izindaba

Friday, 28  November 2025

Ingenisile iGele kwabesifazane emicimbini


Nabesilisa bayathwala ngalolu hlobo njengendlela yokugqamisa ukotini...


IGele ichazwa njengohlobo lokuthwala olubonisa ingcebo, namandla...

Image

Yisiphalaphala esiyimodeli nomsakazi u-Ayabulela “Zolazeelovin” Mhlongo esibonakale emcimbini wamahhashi iHDJ (Hollywoodbets Durban July) sihlobe ngeGele.

Makhosi Dube

CISHE emicimbini eminingi yezinga eliphakeme, sekujwayelekile ukubonakala kwabesifazane behlobe ekhanda ngendwangu efingcizwe kahle, yabhijana, ebukeka inehaba kodwa ekushiya nemibuzo yokuthi ihlanganiswe kanjani.

Lolu hlobo lokumboza ikhanda lubizwa ngokuthi yiGele, kanti luyindlela yokuthwala ekhanda kwabantu baseYoruba, e-Afrika esentshonalanga, koNigeria, Benin naseTogo.

Image

 Phambilini ukumboza ikhanda ngeGele bekuba yindlela yokuhlukanisa owesifazane oshadile kongashadile. Kodwa
konke lokho sekushintshile.

Ukufihla ikhanda ngokwenjwayelo kwabampisholo kulindeleka kakhulu kowesifazane osegcagcele emzini womnumzane njengendlela yokuhlonipha.

Kodwa muva nje akusakhathalekile njengoba nabangathathiwe, kokunye ngisho amantombazanyana, elimboza ikhanda njengendlela yokuhambisana nemfashini, isitayela, nendlela yokufihla izinwele ezingalungisiwe (bad hair day).

Abanye bayalimboza ngenxa yenkolo, abanye bashuqula uma belala njengendlela yokuvikela izinwele. 

Image

 Ngumlingisi uPebetsi Matlaila naye oxube indlela ehlukile yokugqoka neGele.

Imikhankaso efana noDoek on Fleek ilikhuphulile izinga nothando lokumbozwa kwamakhanda kwabesifazane, njengoba bebonakala beshintshashintsha izitayela zokushuqula.

Ukuthwala iGele kubukeka kungenisa mawala eNingizimu Afrika, njengoba nabashadayo bebonakala beluthanda lolu hlobo lokuthwala njengoba luvele luwugqamise kakhulu umswenko.

Image

 Ngumculi uMusa Sukwene nowakwakhe uNkk Tshiamo Makama-Sukwene ngelanga labo lomshado.

Umculi owahlabana kuma-Idols season 9, ngo-2013, uMusa Sukwene nowakwakhe uNkk Tshiamo Makama-Sukwene, bangezinye zezithandani ezibophe ifindo lomshado umakoti ehlobe ngeGele ekhanda.

Image

 Yinkosikazi yomculi ongasekho uSfiso Ncwane, u-Ayanda Ncwane.

Inkosikazi yomculi ongasekho uSfiso Ncwane, u-Ayanda Ncwane nayo ingomunye wabesifazane osikhonzile lesi sitayela. Kanti nesiphalaphala esiyimodeli nomsakazi u-Ayabulela “Zolazeelovin” Mhlongo, ubonakale emcimbini wamahhashi iHDJ (Hollywoodbets Durban July) ehlobe ngayo iGele.

Ngale kosaziwayo nabayizicukuthwane emicimbini yamazinga ahlukene bavamile ukubonakala beluthanda lolu hlobo lokuthwala.


Abalwaziyo lolu hlobo lokuthwala baluchaza njengendlela yokuzigqaja kwabantu baseYoruba, bathi phambilini kwakuyindlela ehlukanisa abesifazane abashadile kwabangashadile. Kodwa ngenxa yokushintsha kwezikhathi sekwemukelekile ukuthi nabangashadile bathwale ngayo.

Image

 Kakuxwayeki kwezinye izindawo ukuba abesilisa bathwale ngeGele.

Kanti nabesilisa bakhona abathwalayo ngeGele nangezinye izindlela njengendlela yokugqamisa ukotini.

Image

Ngumculi ongasekho uRiky Rick (Rikhado Makhado) obebuye athwale ukuhlobisa ukotini.

Umculi ongasekho uRiky Rick (Rikhado Makhado) ungomunye wabesilisa obenokubonakala ethwele iGele.

Umlingisi waphesheya u-Idris Elba uke wabonakala ethwele iduku.

Image

    Ngumlingisi waphesheya u-Idris Elba.   

IGele ithatha elinye igxathu njengoba isitholakala neyenziwe yaba yizigqoko, ukusiza labo abahlulekayo wukuyifingca kahle uma iyindwangu.

Ichazwa njengohlobo lokuthwala olubonisa ingcebo namandla, kanti ngaphandle kokungenisa eNingizimu Afrika, kuvela ukuthi nase-India iyathandwa.

0