07 | Izindaba

Friday, 29 May 2026

Image

BAFIKE "bakhothama" ngemvu enkosini yabo, uBongumenzi Ndlovu, abantu bakwaNdlovu, abebeyozethula kuyona njengoba sebesungule ubumbano lwabo.

AbakwaNdlovu basungule ubumbano lokufukulana kwezomnotho

Inkosi ihlabeke umxhwele ngokuthi bazisukumele, bengakhuthaziwe ngamakhosi

Mthobisi Sithole

BASUNGULE isigungu sohlaka lobumbano lwesizwe sakwaNdlovu abalesi sibongo -  abezethule emakhosini aso ngeledlule  - ngenhloso yokufundisana ngomlando wesibongo, nokwakha amasu okuthuthukisana kwezomnotho.

Lokhu kuvezwe ngusihlalo walolu hlaka, uMnu Snothi Ndlovu.

Ngeledlule, oNdlovu bahambe bayokotha amakhosi alesi sibongo, okubalwa  eyasoHaheni, eMvoti;  neyasoShasheni, eMgababa, eThekwini.

UNdlovu uthi izibongo eziningi sezikwakhile ukuxhumana nokubambisana, okuyinto abayithandile nabo esibongweni sabo.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi phakathi kwezibongo esezivelele ngokuhlangana; kubalwa esakwaZungu nesakwaZondo.

"Uma sibambisene singabantu bakwaNdlovu, kuningi esingalekelelana ngakho empilweni, okubalwa ukufukulana kwezamabhizinisi, nokusizana ngamathuba emisebenzi ngoba ukwazana yikhona okubalulekile emhlabeni," esho.

Image

BEZIKHONA nezinkomo abebeyokhothama ngazo emakhosini abo abakwaNdlovu.

Uthe umlando wesibongo nemvelaphi yakwaNdlovu, bafuna ukukutshala, kuhlume nasezizukulwaneni ezizayo zakulesi sibongo.

Uthe ngokwezibongo ezikhona kwaZulu, kukhona ezihlobanayo nesakwaNdlovu, wathi
bahlose ukufundisa intsha yakulesi sibongo (ngazo) ukuze ingaganani ngenxa yokuswela ulwazi.

"Izingane akufanele zithandane zodwa, kanti izibongo zethu ziyazalana. Kunezibongo okufanele sifundisane ngazo, nathi esidabuka kuzona, ezinye zidabuka kwesakithi. Kuningi esihlose ukulekelelana ngakho singabantu bakwaNdlovu," esho.

Enye yamakhosi akulesi sibongo, uBongumenzi Ndlovu, ithe ukusukuma kwabantu bakwaNdlovu bengagqugquzeliwe ngamakhosi alesi sibongo, kusho lukhulu ngekusasa lesibongo sabo.

"Kuhle kakhulu okwenziwa ngabantu bakwaNdlovu. Siyakweseka singamakhosi akulesi sibongo, ngoba kuzothela izithelo ezinhle kakhulu," kusho inkosi.

Phakathi kosaziwayo bakulesi sibongo, abayingxenye yalokhu kuhlangana koNdlovu, kubalwa umculi kamaskandi, uGatsheni.
mthobisis@ilanganews.co.za

0