06 | Izindaba
Friday, 21 November 2025
Lucky Cain
UKUFANISA nokunqoba ukuqokwa kohlelo abelushayela phambilini umsakazi weVuma FM, uVanessa Marawa, emcimbini wokuklomelisa abemisakazo we-SA Radio Awards.
UVanessa oshayela uhlelo olungena ekuseni kusukela ngo-9 kuya ku-12, phambilini uqokwe ngohlelo abelwenza olubizwa nge-Crush yo-Lova olungena kusukela ngo-12:00 kuya 15:00 phakathi nezinsuku.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi sekungokwesibili eqokwa kulo mcimbi, okokuqala kube ngo-2017 ngalo uhlelo olufanayo lwasemini.
"Kimina ngikuthatha njengokunqoba ngoba kusho khona ukuthi kuyabonakala esikwenzayo nethimba lethu emsakazweni.
Uphinde wabalula ithimba abesebenza nalo kulolu hlelo, uKwanele Ngobese noThokozani Mkhwanazi.
UVanessa uthi kule minyaka ecela eshumini esemsakazweni, kuningi okuhle nokube yizingqinamba ahlangabezane nakho.
"Engingakusho wukuthi kube wuhambo engingalufanisa nogingqigongqo, kodwa kukhona konke, ngifunde okuningi futhi ngeke ngishintshe lutho ngalo ngoba okube yizingqinamba kungikhulisile ngaba wumuntu ongcono," kusho uVanessa.
Le ntokazi esike yaba ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude, kuleli sonto kwethulwe ngokusemthethweni ifilimu esiqalile ukukhonjiswa ema-cinema esihloko sithi, "Cane Cutters", engomunye wabalingisi bayo.
Ngokusho kwayo, lena ifilimu yayo yokuqala kanti izizwa ithobekile ngokuthi isaqhubeka nokukwazi ukuveza elinye ikhono kulo mkhakha.
"Ngifunde okuningi ngiqopha le filimu, kanti ngibonga nabadidiyeli bayo ngokungethemba ukuthi ngibe yingxenye yayo," kusho uVanessa.
Emcimbini wokuklomelisa kulo nyaka kuqokwe iziteshi ezizinze KwaZulu-Natal, okubalwa kuzo Inanda FM, Ikhwezi FM, iGagasi FM noKhozi FM.