06 | Izindaba
Friday, 10 July 2026
Thandoluhle Ngubo
ZITHOLWE zimsulwa izibhedlela zaKwaZulu-Natal obekusolwa ukuthi zinesandla ekufeni kwezisebenzi zezempilo eziwu-6. Lokhu kuvezwe wumbiko womphenyi ozimele ophenya amacala ezempilo (Health Ombudsman), uSolwazi Taole Mokoena, awukhiphe ngoLwesithathu.
Phakathi kwezigameko ebeziphenywa nguMokoena, ngesaba wundabamlonyeni ngonyaka owedlule, lapho okwashona khona isitshudeni esasizinze esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, uDkt Alulutho Mazwi.
Imibiko yaveza ukuthi uMazwi washonela kulesi sibhedlela ngemuva kokunqatshelwa ngumphathi wakhe ukuba athathe ikhefu lokugula ayelicela. Imibiko yathi uMazwi waquleka izikhawu kodwa kwathiwa makaqhubeke nokusebenza, okwathi esequleka okokugcina wangabe esavuka.
Ngakwesobunxele nguDkt Alulutho Mazwi noDkt Francis Idika obekuphenywa izinsolo zokuthi bashonela emsebenzini.
Esinye salezi zigameko ILANGA labika ngaso eminyakeni eyedlule sokufa kukadokotela waseVryheid owayengowokufika, uDkt Francis Idika, okwavela ukuthi wazibulala ngemuva kokuhlukunyezwa ngumphathi wakhe.
Abanye obekuphenywa ukufa kwabo nguDkt Tumelo Kgaladi owayesebenza esibhedlela i-Addington, uMnu Mvelo Cele, owayeyi-Radiographer esibhedlela sasePort Shepstone, nguDkt Siyabonga Zulu owayesebenza esibhedlela saseNgwelezane noDkt S.I. Ngidi, owayesebenza esibhedlela iBenedictine.
NguSolwazi Taole Mokoena oyiHealth Ombudsman okhiphe umbiko ngezisebenzi zezempilo obekuthiwa zashonela emsebenzini.
UMokoena uthi uthole ukuthi abukho ubufakazi obukhomba ukuthi lezi sisebenzi nodokotela babehlukunyezwa ezindaweni zokusebenza.
"Sithole ukuthi nguCele yedwa owashonela esibhedlela ayesebenza kuso. Naye wayengahlukumezekile kodwa wamelwa yinhliziyo ngenxa yezinkinga zempilo.
"UDkt Mazwi, sithole ukuthi wayenesifo sikashukela esingalawulekile. Ukugula kwamhlaba esendaweni ehlala odokotela, waphuthunyiswa esibhedlela washonela khona. UDkt Idika, washona ngokwemvelo, ethathwa yisifo esivuvukalisa umthambo ohambisa igazi ehliziyweni i-Aortic Aneurysm.
"UDkt Kgaladi washonela endaweni ehlala odokotela. Ubufakazi buveza ukuthi wayenomlando wezifo ezihambisana nokuphazamiseka komqondo okuyinto angasitshelanga isibhedlela ngayo. UDkt Zulu, washona engozini yemoto, engasebenzi, esendleleni ebheke eThekwini.
"UDkt Ngidi, wazibulala ngokuzidlisa ushevu wamagundane. Ubufakazi buthi wayephenywa ngenkohlakalo ethinta ukubhalisa izitifiketi zokuzalwa ezingekho emthethweni," kuchaza uMokoena.
Uthi nakuba kunjalo kakusho ukuthi izibhedlela zakuleli kazinazo izinkinga. Ubalule ukusebenza ngokweqile kwezisebenzi, wukungavalwa kwezikhala, ukushoda kwezinhlelo zokwelulekwa ngokomqondo, yizindawo zokusebenza ezingekho esimweni, wukushoda kwezinsiza-kusebenza nokunye njengezinye zezinkinga.
Uphakamise ukuba umnyango uzisukumele phezulu lezi zinkinga.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi neNhloko yoMnyango wezeMpilo eKZN uNkz Penelope Msimango, bawamukele lo mbiko. Bathi bazoqinisekisa ukuthi iziphakamiso ziyalandelwa.