06 | Izindaba
Friday, 16 October 2026
Omunye wabadidiyeli uthi lokhu kukhombisaukuthi iNingizimu Afrika isikulungele ukuqhathaniswa namanye amazwe kwezamafilimu...
Lucky Cain
IZOKWETHULWA okokuqala phesheya kwezilwandle ifilimu yakuleli esihloko sithi, Confessions of a Gold Digger: I Hate Loving My Boss! egabe ngabalingisi abanohlonze.
Le filimu ezoze ikhonjiswe kuleli ngonyaka ozayo, izoqala ukukhonjiswa kusasa ngoMgqibelo kwi-ALZA Festival eNew York,
e-Unted States of America.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngabakhiqizi bale filimu, sithi imayelana nowesifazane ongenza noma yini ukuthola umsebenzini. Lona wesifazane nguShoki Makeba odlalwa ngu-Amohellang Magane, uba nenhlanhla yokuqashwa ngusozigidigidi uSbu Buthelezi odlalwa nguWonder Ndlovu.
Lokhu kuvula amathuba amaningi kuShoki nempilo yakhe iyashintsha okuyilapho kuqala khona ukuhlukumezana phakathi kwabo.
Le filimu ididiyelwe nguDuncan Irvine noThokozani Nkosi, ibhalwe nguTracey-Lee Rainers no-Andrina Moodley.
Uthe lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi iNingizimu Afrika isikulungele kangakanani ukuqhathaniswa namazwe omhlaba uma kuyiwa ngasekukhiqizeni amafilimu. Abanye abalingisi kule filimu kubalwa uPhalang Phale no-Amstrong Koko.
INingizimu Afrika iyaqhubeka nokuzibonakalisa emazweni omhlaba ngemikhiqizo yakuleli enohlonze. Kuzokhumbuleka ukuthi amafilimu okubalwa kuwo iTsotsie, Jerusalem nemidlalo efana nePolygamsit noMthetho yenza kahle kakhulu kwibalazwe lomhlaba.