06 | Izindaba
Friday, 19 December 2025
Kunezindawo lapho igciwane
i-E. coli litholakale nasemanzini ompompi
Mthokozisi Dlomo
NAKUBA ibonakala igqame kakhulu ezindaweni zasemakhaya, inkinga yamanzi angcolile futhi anobungozi yinto ekhona iNingizimu Afrika yonke, ngokwezibalo zakamuva zocwaningo lweWater Community Action Network (WaterCan), okuyinhlangano elwela amanzi ahlanzekile.
Le nhlangano yenze ucwaningo ngamanzi ezweni lonke, la ithole khona ukuthi anezinga eliphezulu ngokweqile le E. coli, okuyigciwane elitholakala endleni.
Leli gciwane lingadala izifo ezehlukene okubalwa esohudo, ubuhlungu besisu nokuphalaza, kuya ezimweni ezibucayi ezinjenge-kidney failure neSepsis.
IKwaZulu-Natal ibalwa nezifundazwe ezihamba phambili ngokwemiphumela yocwaningo lwamasampuli angaphezulu kuka-500, athathwe ezweni lonke.
Wonke amanzi emifula yakulesi sifundazwe, atholakale engakulungele ukusetshenziswa ngabantu nezilwane, okuletha ukukhathazeka okukhulu njengoba iseyinkinga indaba yamanzi, ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya.
USolwazi Anja du Plessis, weWaterCAN uthi okukhathaza kakhulu wukuthi kunanezindawo, njengaseKing Cetshwayo, lapho ngisho namanzi aphuma kompompi, kutholakale ukuthi anamagciwane ayingozi.
Uthi imiphumela yocwaningo KwaZulu-Natal, iyisibuko ngenkinga yokungahanjiswa ngendlela kwendle ezweni lonke, okwenza igcine ikapakela emifuleni nasemadanyini.
Kwezinye izindawo amagciwane ayingozi atholakale ngisho nakompompi
"Imifula yethu namadamu sekuphenduke imigudu yokuhambisa indle. Ubungozi sebukhona ngisho kompompi nakoJojo Tank, okuhlinzekwa ngabo amanzi emakhaya nasezikoleni,” esho.
Yize amakhemikhali anjengeNitrate nePhosphate ebengemaningi kangako emanzini aseKZN, iWaterCAN ithi amagciwane ewodwa abeka engozini impilo yabantu, ikakhulu imiphakathi ephuza emifuleni naleyo engaphansi komasipala abehlulekayo ukuphatha ngendlela efanele ukuthuthwa kwendle.
Le nhlangano ibalule omasipala abawu-8, lapho kutholakale khona amanzi okuphuza abantu ne-E. coli noma ama-total coliforms:
👉🏾 City of Johannesburg Metropolitan Municipality (Gauteng)
👉🏾 Sedibeng District Municipality (Gauteng)
👉🏾 King Cetshwayo District Municipality (KwaZulu-Natal)
👉🏾 Gert Sibande District Municipality (Mpumalanga)
👉🏾 Waterberg District Municipality (Limpopo)
👉🏾 Mopani District Municipality (Limpopo)
Bojanala Platinum District Municipality (North West)
👉🏾 Pixley ka Seme District Municipality (Northern Cape)
Abacwaningi baphakamise ukuthi: Omasipala nezikhulu zezifundazwe ezibhekelele ezamanzi zenze ucwaningo, bese zithatha izinyathelo ngezinto ezingcolisa amanzi.
👉🏾 Kuvame ukuhlolwa kwamanzi asetshenziswa ngabantu nezilwane, ikakhulu ezindaweni ezisemathubeni okuthinteka.
👉🏾 Kuphuthunyiswe izinhlelo zokuhlinzeka ngamanzi aphephile izindawo esezihlonzwe njengezisengozini.
👉🏾 Kufundiswe umphakathi ngezindlela zokubhekana nenkinga yamanzi angcolile, nezindlela zokubikela abasemandleni
Thola umbiko ogcwele wocwaningo weWaterCAN ku: watercan.org.za