06 | Izindaba
Friday, 11 July 2025
NGUMCULI we-gospel, uLebo Sekgobela osengena emkhakheni wokulingisa.
Mthobisi Sithole
UTHOLE ikhaya elisha lezokulingisa umculi weGospel, uLebo Sekgobela.
Lo mculi ulingisa emdlalweni obizwa ngokuthi "Ingozi", ozokhonjiswa kuMzansi Bioskop, ku-channel 164, ngomhla ka-20 kule nyanga, ngo-19:30 ebusuku.
Engxoxweni ekhethekile kaLebo naleli phephandaba, uthi kuvuleke ikhasi elisha empilweni yakhe ngoba ubengakaze abe namaphupho okulingisa imidlalo yeshashalazi.
Uthi kodwa ngokungena kulo mdlalo, kube lula ukwenza lo msebenzi omusha ngenxa yokuthi ithimba asebenzisane nalo kwezokulingisa, likhombise ukumeseka, lamcathulisa.
Uthi uzobe elingisa indawo kamama obizwa ngoZanele. Uthi lo mama unolwazi olukhulu kwezomculo, ulekelela ingane enesifiso sokungena endimeni yezomculo.
"Ngithole ukwazi okuningi ngalo msebenzi. Ngijabule ngoba kuyizinkomba zokuthi nabaculi bokholo bangaya kude kakhulu empilweni ngokuthi bangene emkhakheni wezokulingisa.
"Ngokujwayelekile, uma ucula lo mculo, abantu abacabangi ukuthi kukhona okunye ongakwenza njengeciko, ngaphandle kokuthi ucule izingoma zokholo ushumayeze nabantu.
"Ngidlulisa ukubonga kakhulu ngethuba enginikezwe lona kulo mdlalo wefilimu"
"Nginethemba lokuthi ngisazowathola amanye amathuba nakweminye imikhakha yempilo ngoba abalo mdlalo bakwazile ukubona elinye ikhono ebengingazi ukuthi nginalo," esho.
Lo mculi waziwa kakhulu ngengoma ethi, "Lion of Judah". Uthi ugqugquzela nabanye abaculi ukuba bazithuthukise.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ithuba lezokulingisa libalekelela kakhulu abaculi emsebenzini wabo.
"Ukulingisa kwenza ukuba nomsebenzi weciko ukhangiseke kakhulu. Siyakukhuthaza ukuthi nezinye izinkampani zamafilimu ukuba ziqhubeke zilibone ikhono nakwabanye abaculi," esho.
mthobisis@ilanganews.co.za