06 | Izindaba
Friday, 29 August 2025
KUTINYELWE UNGQONGQOSHE WEZEMALI E-KZN, "NGOKUNYUNDELA" I-ANC...
UMabuyakhulu usole uRodgers, ngokuphuma emigomweni yokusebenza kukahulumeni wokubambisana...
Lucky Cain
LUHLALE obala uqhekeko kuhulumeni wobambiswano KwaZulu-Natal, kulandela ukukhombana ngenjumbane kongqongqoshe beminyango abaqhamuka emaqenjini ahlukene akha lo hulumeni oholwa uMnu Thami Ntuli, oqhamuka kwi-IFP.
KwaZulu-Natal kugcine kuphoqa ukuthi amaqembu i-IFP, ANC, DA ne-NFP ahlangane akhe lo hulumeni ngonyaka owedlule, ngemuva kokhetho lukazwelonke lapho lingabanga khona iqembu elithola amavoti angaphezulu kwengxenye, ukuhola lesi sifundazwe.
NguMnu Francois Rodgers onguNgqongqoshe wezeMali futhi ongumholi we-DA KwaZulu-Natal.
Ngeledlule uMnu Francois Rodgers onguNgqongqoshe wezeMali futhi ongumholi
we-DA KwaZulu-Natal, uzidonsele amanzi ngomsele ngesikhathi ememezela ukuthi kumiswe ithenda yoMnyango wezokuThutha, yokuthutha izingane zesikole esifundazweni.
URodgers uyalele lo mnyango ukuba uqale phansi uhlelo lokuqoka abazohlomula kuleli thenda lenani elingaphezulu kuka-R300 million. Lokhu kwenzeka nje, uRodgers usanda kusabisa ngokufaka uMnyango wezeMfundo ngaphansi komlawuli ngenxa yezinkinga zalo mnyango zangaphakathi.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uke waba sematheni ngenxa yethenda yokunikezela ngokudla ezikoleni. Kulelo thenda kwasolwa ukuthi kuhlonyuliswe izinkampani zabasondelene nezikhulu nosopolitiki.
NguMgqugquzeli wesigungu sesikhashana esihlanganisiwe se-ANC, uMnu Mike Mabuyakhulu.
Esithangamini sabezindaba uMgqugquzeli wesigungu sesikhashana esihlanganisiwe se-ANC, uMnu Mike Mabuyakhulu, usole uRodgers ngokusebenzisa isikhundla sakhe ngendlela engaqondile, futhi ekhombisa ukuba nenkinga nongqongqoshe abaqhamuka kwi-ANC.
Usole uRodgers ngokuphuma emigomweni yokusebenza kukahulumeni wokubambisana. UMabuyakhulu uthe njengoba uhulumeni waKwaZulu-Natal wakhiwe ngamaqembu amane, kumqoka ukuthi lingabikhona elizibona lilikhulu kunelinye.
Ukhuthaze ukuthi kube nokubambisana ngenhloso yokuthi kube nozinzo nokusebenzisana.
UMabuyakhulu uphinde wakhala nangoNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya nokuBusa ngokuBambisana esifundazweni, uMfu Thulasizwe Buthelezi ngokuba nenkinga nomasipala abaphethwe i-ANC, njengoba ekhale ngokuthi uyashesha ukujaha ukubafaka ngaphansi komlawuli.
URodgers uphinde watinyelwa nawuphiko lwabantu abasha i-ANCYL, eyalele iDA ukuba iphume kulo hulumeni uma ihluleka wukusebenza ngokubambisana namanye amaqembu.
I-DA esifundazweni iphendule ngokumvikela uRodgers obesekuvela sengathi uyahlaselwa ngesenzo sakhe. IPhini lomholi we-DA KwaZulu-Natal uMnu Sithembiso Ngema, lisole i-ANC ngokungafuni ukulandela imigomo eqondile ehambisana nohulumeni.
Lithe i-DA ngeke iphele amandla ngokulwa nokungahambisani nomthetho, okwenzeka kuhulumeni. Likhumbuze i-ANC ukuthi kunesizathu esiholele ekutheni ilahlekelwe ngamavoti okhethweni lwangonyaka owedlule.
Esitatimendeni esikhishwe wuMnyango wezokuThutha esifundazwe, usole ungqongqoshe ngokujaha ukuphumela emphakathini ngezingxoxo ebezisadingidwa ngaphakathi emnyangweni.
lucky.cain@ilanganews.co.za