06 | Izindaba

Friday, 24 July  2026

Kubuyise ithemba ukucelwa ingoma 
ngo-R50 000

UNtaba yaseDubai uthi usekudlulise konke okwenzeka phakathi kwakhe ne-Ambitiouz Records noBig Zulu...

Ukhiphe i-albhamu entsha eqanjwe ngendodana yakhe...

Image

Ngumculi uNtaba yaseDubai ogama lakhe langempela nguLindo Msomi.

Lucky Cain

UKHUTHAZEKILE wabuyelwa yithemba ngomculo wakhe, injinga imgixabeza ngo-R50 000, imcela ukuba acule enye yezingoma zakhe emcimbini ebimqashe kuwo uNtaba yaseDubai, osanda kukhipha i-albhamu eqanjwe ngendodana yakhe yokuqala, u-Aphile.

UNtaba ogama lakhe langempela nguLindo Msomi ukhiphe le albhamu ngeledlule kanti usanda kuba sematheni ngemuva kokusabalala kwe-video enandisa emcimbini wokuzalwa kwenjinga yaseNorth West, uMnu Solly Madibela, odume ngelika-MySol.

Kule video uMySol ubonakala ekhipha isamba semali, athi siwu-R50 000, ecela uNtaba yaseDubai ukuba amculele enye yezingoma azithandayo. Nebala lo mculi uyasamukela lesi sisamba, bese eyayicula le ngoma ethandwa yile njinga.

Image

Ngumculi uNtaba yaseDubai.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uNtaba, uthe akazange akholwe ngesikhathi le njinga yenza lesi sicelo, njengoba yabe isiyikhokhile ngokugcwele imali eyayimqashe ngayo.

Image

Uthe okwamumangaza kakhulu wukuthi akanabudlelwano nale njinga, kodwa izithandela umculo wakhe nje qha.

"Kusho ukuthi baningi nabanye umculo wami ofinyelela ngezindlela ezahlukene kubona, ukuthi abanye ngeke bakwazi ukuziveza njengoba uMySolo enza," kusho yena.

UNtaba uke waba sematheni ngesikhathi elaxaza inkampani ayeqopha kuyona i-Ambitiouz Entertainment. Kule nkampani kwavela ukuthi ushiye ngenxa yokungenami ngendlela eyabe isingethe ngayo umculo wakhe.

UNtaba uphinde waba sematheni ngesikhathi eba nokungaboni ngasolinye nozakwabo uBig Zulu, abenza naye ingoma yodumo ethi, "Imali Eningi".

Uthi konke lokhu usekudlulisile futhi usebuyelwe wukuzethemba emculweni, yingakho eseziphathele wonke umsebenzi wakhe.

0