06 | Ezikaqedisizungu

Friday, 15 May 2026

Image

Umbhali uthi uvuleke amehlo ngamathuba owezamafilimu KwaZulu-Natal


Uveze osekumenze wakhetha ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukusabalalisa imidlalo yakhe

Lucky Cain

UTHI uvuleke amehlo ngamathuba asemkhakheni wezamafilimu nomabonakude KwaZulu-Natal, umbhali wemidlalo kamabonakude namafilimu osezakhele udumo, uChris Q Radebe (osezithombeni).

Lo mbhali osematheni kulezi zinsuku ngomdlalo wakhe oke wakhonjiswa kwiYouTube, othi "Shut Up Men Are Talking", ubeyingxenye yenkulumo-ngxoxo yohlaka iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela i-Africa Travel Indaba ngoLwesithathu, e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), eThekwini.

Ubeyingxenye yale nkulumo-ngxoxo nabanye abasemkhakheni wezamafilimu nomabonakude, okubalwa kubo uSakhile Gumede ongumqondisi weDurban Film Festival, uDavid King Dave oyisikhulu senkampani eqopha Uzalo, iStained Glass TV, uRichards Horlock obemele umkhakha wezokuvakasha, noNerusha Sadapal ongumdidiyeli wamafilimu. 

Image

Bekudingidwa ngeqhaza elingabanjwa wumkhakha wamafilimu nomabonakude ukuqhakambisa ezokuvakasha.

Ekhuluma nezithameli uChris, uveze ukuthi nakuba esebhale inqwaba yemidlalo ekhuluma ngempilo yaKwaZulu-Natal, kodwa akakaze ayiqophele kulesi sifundazwe.

Uthe lokhu kudalwa wukushoda kwemali, njengoba esikhathini esiningi esebenzisa okusephaketheni lakhe uma eqopha.

Uthe kuyamthokozisa ukuzwa ukuthi kunezinhlaka ezifana neKwaZulu-Natal Tourism and Film Authrity, ezikwazi ukusebenza ngokubambisana nabakhiqizi bamafilimu.

Ukusebenzisana okuhle okwenziwa yiKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority nabakhiqizi bamafilimu, kufakazelwe uKing Dave, oveze ukuthi kusukela ngo-2014 beqala ukuqopha Uzalo kulesi sifundazwe, kabakaze babheke emuva, ngenxa yokubambisana okuhle abanakho.

Image

Uthe kule minyaka eyedlule bakwazile ukuqeqesha abakhiqizi bamafilimu, abalingisi abasebasha, nabanye abasebenza ngemuva kulo mkhakha.

Uthe miningi imidlalo abayikhiqizile kulesi sifundazwe, besebenzisana nentsha ekuwona lo mkhakha.

Ubalule imidlalo efana neDurban Gen, Amalanga Awafani nomunye omusha okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa maduze kumabonakude.

Uthe okuhle ngokusebenza kulesi sifundazwe, wukuthi esikhathini esiningi kasikho isidingo sokuthi baze bakhiphe ephaketheni uma befuna ukusebenzisa indawo yokuqophela, njengoba benobudlelwano obuhle nohulumeni nezinhlaka ezisebenzisana nawo.

UChris uveze ukuthi unesifiso sokubuya azoqophela imidlalo yakhe ngokugcwele kulesi sifundazwe, njengoba kukhona ukubambisana okukhona nabakhiqizi bamafilimu.

Ukhuthaze intsha ukuba ingadikibali uma imidlalo yayo ingangeni kumabonakude, kodwa mayisebenzise izinkundla zokuxhumana (okubalwa neYouTube) ukusabalalisa umsebenzi wayo.

Uveze ukuthi ukhethe ukusebenzisa le ndlela (yezinkundla zokuxhumana) ngenxa yokuthi kunemidanti yokungenisa imidlalo kumabonakude, kanti kwesinye isikhathi baze bakuphoqe ukuba uwushintshe umdlalo wakho ukuze uhambisane nesitayela saleso siteshi sikamabonakude.

0