06 | Izindaba  

Friday, 17  October  2025

Kulobe
uPhumlani Gama 

Izindaba

Image

 Kusolwa ukushoda kwemali ngokuvuza kwemingcele yakuleli

UGigaba abasebenza emingceleni banezinselelo eziningi okuhlanganisa ukushoda kwezimoto...

USOLE ukungaxhaswa ngemali kwezinhlaka ezibhekelele ukuphepha emingceleni yakuleli njengembangela yokuvuza nokungena ngobuningi kwezimpahla nabantu ngokungemthetho usihlalo wekomidi elibhekelele ukusebenza ngokubambisana emingceleni yakuleli uDkt Malusi Gigaba.

UGigaba ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi ehola ikomidi elisemkhankasweni wokuhambela kuyona yonke imingcelene engenela kuleli ngenhloso yokubheka izimo okusentshenzwa ngaphansi kwazo.

Image

Uveze ukuthi inkulu inselelo ebhekene nabaqashelwe ukusebenza emingceleni yakuleli ikakhulukazi umbutho wezokuvikela. Uthe umbutho wezokuvikela emingceleni yakuleli ubhekene nenkinga yokushoda kwezimoto kanti futhi kunesibalo esincane sezibesebenzi.

Image

"Ezweni lonke kufanele ngabe kunezinkampani eziwu-22 ezigada imngcele, kodwa kumanje kunezinkampani eziwu-15 kuphela.

"Ukungafakwa kwemali kwenza ukuthi kube nzima ukusebenza emingceleni yakuleli. Ngakolunye uhlangothi kuba nzima ukwengeza isibalo samasosha azogada umngcele.

Image

"Kuningi okwenzekayo okungalungile emingceleni yakuleli okubalwa kukhona ukungeniswa kwempahla engekho emthethweni, ubugebengu nokungena kwabantu abangenazimvume zokungena kuleli laseNingizimu-Afrika," kusho uGigaba.

0