06 | Izindaba

Friday, 24 October 2025

Image

NGAMALUNGU eSoul Brothers, ezoba nemijikelezo.

I-Soul Brothers izoyigubha ngesitayela iminyaka ewu-50 yasungulwa


Izokhumbula nazo zonke izinkakha zaleli qembu esezadlula emhlabeni


LINDA XIMBA

IQEMBU elidumile eNingizimu Afrika nase-Afrika yonkana, iSoul Brothers, lizogubha iminyaka ewu-50 lasungulwa nge-albhamu entsha, ezohambisana nomjikelezo kazwelonke lapho lizobe likhumbula ngengoma amalungu alisungula asadlula emhlabeni.

UMoses "Black Mosse" Ngwenya - okunguye osesele yedwa kwabasungula leli qembu lombhaqanga - utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi abalandeli babo bazojabula ngoba bazozwa izwi likaDavid "Mdavu" Masondo kwezinye izingoma abazivubelile kule albhamu.

UMasondo, owayengomunye wamalungu ayengaconsi phansi ngenxa yephimbo elimtoti nokujayva kamnandi esiteji, washona ngo-2015, ngemuva kokugula isikhathi eside.

Image

NGUMOSES  "Black Mosse" Ngwenya - okunguye osesele yedwa kwabasungula iSoul Brothers. Kwesokudla nguDavid "Mdavu" Masondo, okuthiwa kuzozwakala iphimbo lakhe kwi-albhamu entsha yaleli qembu.

UNgwenya, oxavatha i-organ kuvuke uhlevane kwabasuke behambele amakhonsathi aleli qembu bukhoma, uthe: "Kubo bonke abalandeli bethu emhlabeni wonke, sinibonga ngokusuka ekujuleni kwezinhliziyo zethu ngothando lwenu olungapheli, nokuseseka kwenu kule minyaka kusukela saqala ngo-1975.

"Kule albhamu sizohlonipha esaqala nabo uZenzele Mchunu, uTuza Mthethwa, uDavid Masondo no-America Zulu.

"Abanye esingeke sibakhohlwe uJapan Sidoyi, uSipho Bhengu, uMpompi Sosibo, uLawrence Mothoa, uVusi Mabuza, uMbongeleni Dladla, uJavas Magubane, uLemmy Mabaso, uThomas Phale, uMaxwell Mngadi, uSicelo Ndlela, uSifiso Nyoka noJuly Mhlabane."

Kusetshenziswe ubuchwepheshe besimanje ukuvundulula izingoma zakudala, abangazikhiphanga

UNgwenya uthe usebenzise ubuchwepheshe besimanje ukuvundulula izingoma zakudala abangazikhiphanga, wathi ukholwa wukuthi abantu bazozithokozela kule albhamu.

"Abalandeli bazolizwa iphimbo likaMdavu kwezinye izingoma ngoba kithina umoya wakhe usaphila, futhi siyohlala silibonga iqhaza alibamba emculweni wethu," kuqhuba uNgwenya.

Uthe abalandeli bokuqala abazoba nenhlanhla yokuzizwela le albhamu entsha, ngabaseMpumala-nga, njengoba bezobe beyoshikisha ePiet Retief Town Hall ngomhla ka-31 kule nyanga. Kuzodilika umthangala uma sebengena eMpangeni Town Hall, eMpangeni, ngomhla ka-1 kuLwezi (November).

Kuthiwa ezinye izindawo ezizohanjelwa zizomenye-zelwa ngokuhamba kwesikhathi.

Ogandaganda baseNingizimu Afrika, njengoba iSoul Brothers iteketiswa kanjalo, bazakhela igama ngamanoni afana noMama kaSibongile, Thula Ukhalelani, Hamba Ntombi, Ngidlala Ukuhlupheka, Xolisa Umoya, Yimi Indoda, Isithothobala, Intombi Yami nezinye.

0