06 | Izindaba
Friday, 21 August 2026
NGUTHULANI Mtsweni ongumlingisi wemidlalo kamabonakude.
Lucky Cain
KUMAKHELE isinkwa sokuphila ukugqamisa impandla nentshebe uThulani Mtsweni, okubeke kwacaca ukuthi sekungamele akhokhelwe uma kunenkampani, noma ethola umsebenzi omdinga egundile noma eshefile.
UThulani ongomunye wabalingisi abaqavile kwifilimu ebhekwe ngabomvu, ezokhonjiswa kwiDSTV Movie Room, Channel 113, esihloko sithi, Shut Up Men Are Talking, ukusho lokhu ngesikhathi yethulwa ngokusemthethweni, eDelos Lounge and Dining, eThekwini, ngoLwesibili.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uThulani, uthi akakufuni noma akubone ukugunda nokushefa empilweni yakhe.
Uthe uchithe iminyaka eminingi ezama ukungena kulo mkhakha wokulingisa, kodwa kungenzeki.
"Ngangenza izinhlolokhono ezahlukene, kodwa umsebenzi ngingawutholi," esho.
Uthe uze waqala ukusebenza ngesikhathi esethathe isinqumo sokuthi angabe esagunda, azishiyele impandla yakhe igqamile.
Uthi ukugqamisa impandla yakhe, yikhona
okwenze abantu bangamkhohlwa
"Lokhu ngakwenza ngamabomu, ngoba ngase ngibonile ukuthi uma ngingashiya intshebe nesihluthu, ngigqamise impandla yami, mancane amathuba okuthi abantu bangangikhohlwa.
"Ngase ngazi ukuthi noma ngingangawuthola umsebenzi ngaleso sikhathi, kodwa ayemancane amathuba okuthi ngingakhu- mbuleki, ngoba lesi sitayela sangenza ngahluka kunabanye abalingisi," kusho uThulani.
Uthe ukuthatha lesi sinqumo, yikhona okumakhele isinkwa, ngoba imisebenzi ibisilokhu iqalile ukutholakala ngasohlangothini lwakhe.
UThulani useke wabonakala emidlalweni kamabonakude okubalwa kuyona Isidingo, iNumber Number, iRhythm City, Isibaya, yiGomora neminye.
Uthi uyaqala ukuthola indawo ejulile efilimini, iShut Up Men Are Talking
UThulani uthi uyaqala ukuthola indawo ejulile efilimini iShut Up Men Are Talking.
Esikhathini esiningi ubehlale edlala indawo ehambisana namahlaya.
Kule filimu udlala indawo kaMancinza, ongowesilisa osakholelwa endleleni yakudala, futhi ohlukumezayo.
KUSUKA kwesobunxele nguThulani Mtsweni, nguVanessa Marawa ongumsakazi weVuma FM, noChris "Q" Radebe, ongumbhali wefilimu iShut Up Men Are Talking.
"Ngiyabonga kakhulu kuChris "Q" Radebe ongumbhali wale filimu, ngokunginika ithuba lokuthi ngiveze olunye uhlangothi ngokulingisa kwami.
"Abaningi bebengalwazi, futhi bebengeke balubone ukube angilitholanga leli thuba," echaza.
Le filimu igabe ngabalingisi okubalwa kubona uJo-Ann Reyneke, uWiseman Mncube, uSibonile Ngubane, uDuduzile Ngcobo nabanye.