Izindaba | 06

Friday, 09 May 2025

Bazovikela ukuwa kweMithente

Uzongena ezicathulweni zikanina

NGULUNGILE Mthalane ozalwa nguDumisile "KaManana" Mthalane (ongasekho), obecula phambili eqenjini likamaskandi iMithente.

ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA


Indodakazi ithi leli qembu yilona ebeliphilisa umndeni, unina esaphila


Mthobisi Sithole

ITHEMBISE ukungena ezicathulweni zikanina indodakazi yomculi kamaskandi obefihlwa ngempelasonto.

ULungile Mthalane ozalwa nguDumisile "KaManana" Mthalane weqembu leMithente, uthi uzoqhubeka nokuhola leli qembu ngenxa yokuthi unina ubafundisile umculo. Uveze lokhu emuva kwenkonzo yomngcwabo kanina ebiseMakhabe-leni esigodini KwaDinda, eGreytown, ngempelasonto.

Uthi nakuba kunzima ngenxa yokuthi iziphiwo kazifani, kodwa uzokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi avikele leli qembu lingawi, ngenxa yokuthi yilona eliphilisa umndeni wakwaMthalane.

"Sikhuliswe ngomculo kusukela sibancane, ukushona kukamama kakufanele kusiqede amandla ngoba baningi abantu abayithandayo iMithente. Kuwumsebenzi wethu ukuthi sivuke sizithathe," kusho uLungile.

Unxuse abathandi bakamaskandi ukuba baqhubeke nokuleseka leli qembu. Uthi kumele izwe lamukele ukuthi zinkulu izicathulo azongena kuzona.

"Siyafisa nokugxekwa ngendlela eyakhayo uma singenzi kahle," esho.

Image

NGUDUMISILE "KaManana" Mthalane (ongasekho), obecula phambili eqenjini likamaskandi iMithente.

ULungile uthe izwe malikwemukele ukuthi zinkulu kakhulu izicathulo azongena kuzona

Umsakazi woKhozi FM, uKhathide "Tshatha" Ngobe, ukhuthaze izingane zakwaMthalane ukuba zingapheli amandla. Uthe akusekho nzima emculweni ngoba sekuqoshwa ingoma eyodwa ithengiswe online.

"Kayisekho ingcindezi yokubhala izingoma ezingaphezulu kweshumi. Ngaleyo ndlela ngibona ukuthi akukho okuzogqilaza. Uma kukhishwe ingoma eyodwa, emnandi, bese idayiswa online, kuyobe kufeziwe," kusho uTshatha.

Uthe akanalo uvalo ngenxa yokuthi abasunguli baleli qembu uSimosakhe Mthalane noDumisile Mthalane, bazale izingane ezingamagagu, futhi bazikhulisa ngomculo izingane zabo.

"Ubugagu yinto yakwaMthalane. Siyafisa ukuthi iMithente iqhubeke ibe yiqembu elikhulu labesifazane eNingizimu Afrika," esho.

Leli qembu lisungulwe ngo-1986, kodwa i-albhamu yokuqala liphumelele ukuyikhipha ngo-1995, ethi "Umbulali.

Ekusungulweni kwayo iMithente, bekukhona uBuselaphi Gxowa noNokwazi Ntuli (ongasekho) namalungu akwaMthalane okunguDumisile nomyeni wakhe uSimosakhe (abangasekho).

mthobisis@ilanganews.co.za

Image

YIQEMBU iMithente ebelihlomula nangezindondo.

0