06 | Izindaba

Friday, 31  October  2025

Sikhulu isililo ngokubulawa kwenyanga

 Abenhlangano yama-albino babhonge emswanini  


UGod' Olulala Amankankane udutshulwe, waphangalala phambi komndeni wakhe...
Image

 NGUMNU James "God' Olulal' Amankankane" Mthembu, obeyinyanga edumile kuleli.

 Phumlani Gama

BAYICHAZE njengeqhawe elilwe kwaze kwaba libizelwa koyisemkhulu inyanga yaKwaMhlabuyalingana edlule emhlabeni ngemuva kokudutshulwa ngemvula yezinhlamvu isemzini wayo ngeledlule.

UNkk Thembisile Madlala ongumsunguli wenhlangano engayenzi inzuzo iThembisile Madlala Albinism Foundation, elwela amalungelo abantu abaphila nebala elimhlophe, uthe kubashayile ukudlula emhlabeni kukaMnu James Mthembu (61) obedume "ngelikaGod' Olulala Amankankane".

Umufi ubengumelaphi wendabuko owaziwayo kuleli. Wazifaka ezinhliziyweni zabaningi kuleli ngokuphumela obala, wahola imikhankaso yokuvikelwa kwabantu abanebala elimhlophe.

Nakuba engafundanga okutheni, kodwa ubengumuntu oyikhuthalele imfundo yezingane nomphakathi wangakubo. UMthembu watshela izwe ukuthi akulona iqiniso ukuthi abantu abanebala elimhlophe bayanyamalala uma sebezodlula emhlabeni. Wathi bebebulawa ngabathile ngoba benenkolelo yokuthi izicubu zabo zisentshenziselwa ukuthaka imithi yobumpunyela.

Image

 "Thina sasinazo izinsolo kodwa yena ngendlela ayechaza ngayo ukuthi siyabulawa futhi sibulawa ngabelaphi behlangene nabathakathi, kwenza ukuthi kube nabanye abaqala ukuziqhelelanisa nalezi zenzo.

"Nakho nje ukucupha intombazane eyayithengisa izingane kwenza ukuthi sibe nethemba lokuthi sivikelekile. Nokho-ke kayiphelile impi yokuthunjwa, kubulawe abantu abanebala elimhlophe ngoba namanje uMnu Dumsani Nene waseDumbe akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo selokhu anyamalala ngoJuni 2023.

 "Ababulele ubaba uMthembu basizwise ubuhlungu obuphindiwe ngoba ubeyiqhawe elikhathelela ukuphila kwethu," kusho uNkk Madlala.

UMnu Mandla Mthembu oyindodana kamufi, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi isidumbu sikayise sizolondolozwa ngoMgqibelo. Uthe kuzobanjwa inkonzo ezobe ihanjelwe nangabelaphi bendabuko abaqhamuka ezindaweni ezahlukene.

Umufi ubebuye abe yilungu leMK Party eholwa nguMnu Jacob Zuma owayengumengameli wakuleli. Nakhona eqenjini lakhe ubebambe elikhulu iqhaza, elisiza ngemali yokuqhuba imikhankaso yalo.

Ushiye emhlabeni amakhosikazi akhe awu-15, nezingane  eziningi.

0