Izindaba | 05
Friday, 27 June 2025
NguNkk Nomcebo Zuma-Dlamini (22) osekusabalale imibiko yokuthi ubophe imithwalo yakhe, wafulathela isigodlo saseSwazini.
Phumlani Gama
KAYICHAZELWANGA ngohlobo lwempilo ezoluphila esithenjini seNgonyama uMakhosetive "Mswati III" Dlamini eyangena kusona indodakazi kaMnu Jacob Zuma owayengumongameli wakuleli, ngokusho kwemithombo.
UNkk Nomcebo Zuma-Dlamini (22) osekusabalale imibiko yokuthi ubophe imithwalo yakhe wafulathela isigodlo, kuthiwa uxakwe yisimo ahlangabezane naso emendweni.
Ilungu lomndeni waseNdlunkulu yesizwe samaSwazi litshele ILANGA Lempelasonto ukuthi kwaba nephutha kusukela ekuqaleni, njengoba kungekho lapho okuvela khona ukuthi kwahlalwa nayo phansi iNdlovukazi uMaZuma, yachazelwa ukuthi kuzokwenzeka kwezinye izikhathi ingakwazi ukuhlangana nomyeni wayo ngenxa yokuba matasa nomsebenzi.
"Bayachazelwa ukuthi kuyenzeka kuphele isikhathi eside bengakwazi ukuhlangana nomyeni wabo. Ngikhuluma nje kunabanye ondlunkulu osekuphele unyaka bengakaze bahlangane neNgonyama," kusho umthombo .
Uqhube wathi kusukela ekuqaleni kwakunenkinga nje ngoba uZuma (uyise kaNomcebo) wayengafuni ukudedela indodakazi yakhe iyogana iNkosi uMswati III.
YiNgonyama yaseSwazini, uMakhosetive "Mswati III" Dlamini inoNdlunkulu wayo uNkk Nomcebo Zuma-Dlamini, nomukhwe uMnu Jacob Zuma.
"Salinda eside isikhathi ngaphandle komuzi engafuni ukusemukela. Emuva kwesikhathi satshelwa ukuthi udinwe wukuthi ugilwe ngumngani wakhe owamkhohlisa, wathi ufuna indodakazi iyogana enye yamadodana akhe, kanti uzifunela yena.
NguMnu Jacob Zuma nomngani wakhe osengumkhwenyana wakwakhe, uMakhosetive "Mswati III" Dlamini.
"Abomndeni wakwaZuma kunendima okwakufanele bayidlale ukuze (indodakazi yabo) izohlala kahle emendweni. Inkinga ekhona wukuthi abemindeni yomibili behlulwa wukubheka izinto ezibalulekile, babuka izinga leNgonyama nokuthi ithatha ingane kaZuma," kusho umthombo.
Leli phephandaba libuye laxhumana nelinye ilungu lomndeni waseNdlunkulu kaZulu, nalo elihambe emazwini omthombo ongaphakathi eSwazini.
Umthombo wesithathu osondelene nomuzi waKwaDakwadunuse, ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi sekuyophela isonto izithunywa zilinde ukuhlangana noMsholozi.
Kubikwa ukuthi uNkk Zuma-Dlamini ungene ebudlelwaneni bezothando neNkosi uMswati III ngonyaka owedlule. Uthando lwabo lube sematheni kuleli nakwamanye amazwe angomakhelwane wezwe iSwazini.
Wuhambo olwagqamisa uthando lukaMswati nowakwakhe lapho bahlangana nomholi wamaKhatholika uPope Francis, osanda kudlula emhlabeni.
Bake babonakala ndawonye, behambele amazweni ahlukene phesheya kwezilwandle, okubalwa nohambo lokuyohlangana nomholi wamaKhatholika uPope Francis, osanda kubizelwa enkosini ezinyangeni ezedlule.
Kubikwa ukuthi ezinsukwini ezedlule uNkk Zuma-Dlamini ubophe imithwalo wabuyela kubo, ngoba ekhala ngobunzima bokuhlala isikhathi eside engakwazi ukuhlangana nomyeni wakhe.
Leli phephandaba lithole ukuthi emuva kokuba ebuyele kubo uNkk Zuma-Dlamini, iNgonyama Mswati III ikhiphe ithimba labantwana baseNdlunkulu yaseSwazini nengxenye yamakhosi ezizwe ezikhona kuleliya lizwe, ukube liyoncenga umakoti ukuba abuyele emzini wabo.
Kuthiwa uMnu Zuma ubukeka engumuntu ongazimisele ukubanika indlebe njengoba nasekuqaleni wenza njalo.