05 | Izindaba

Friday, 14 November 2025

Image

Uzithintele isidleke sezinyosi usomabhizinisi 'onamacala amabi'

Wagwetshwa iminyaka ewu-5 eyalengiswa elahlwa ngawokuduna nokweba izimoto

Skhosiphi Mthembu

UHLOKOLOZE iziqandu kwavuleka umgodi ogcwele ukungcola kodwa usomabhizinisi uJames Stuart Scharnick (osesithombeni esingenhla), othinteka emacaleni ahlanganisa awokweba nokuduna izimoto.

Kuvele ukuthi uScharnick obesematheni ngesikhathi kuvela ubudlelwano bakhe noJenene uShadrack Sibiya osamisiwe esikhundleni sokuba yiphini lomkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, uke walahlwa ngamacala abucayi, wagwetshwa iminyaka ewu-5, kodwa yalengiswa.

La macala kuvele ukuthi enzeka eThekwini, iseRichards Bay, iseHillcrest nakwezinye izindawo. Lokhu kuvele ngesikhathi kunesigcawu nabezindaba ebesibizwe ngamaphoyisa ekomkhulu lawo KwaZulu-Natal, ebesiholwa yiSekela loMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal,  uMnu Anthony Gopaul.

Lokhu kuza emuva kokuba uScharnick evulele amacala inhloko yezobunhloli, uLt-General Dumisani Khumalo.

Uvula icala nje, kulandela ukuba uKhumalo ambiza ngomuntu oduna izimoto, futhi othinteka ebugebengwini kwikhomishini kaMadlanga. Waphinde wayamanisa imoto - yohlobo lweToyota eyi-double cab - ehamba uJenene uSibiya naye njengoba athi ibhalwe ngaphansi kwakhe.

UScharnick uyakuphika ukuthi wake walahlwa ngamacala

Nokho-ke uScharnick wakuphika ukuthi wake walahlwa ngamacala okuduna izimoto yize evuma ukuthi likhona eselike lamlahla.

UGopaul ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, uthe phakathi kwamacala abebhekene nawo, uScharnick kukhona namanye ahlanganisa ukukhomba ngesibhamu, ukushaya ngenhloso yokulimaza yize isisulu sabuye salesula icala.

Uthe awu-10 kulawa ngawokweba izimoto, bese kuthi awu-8 ngawokuduna izimoto. Kulesi sigcawu, kuvele ukuthi kulawa macala wagwetshwa iminyaka ewu-5 eyalengiswa.

UGopaul uthi lokhu kuyaxaka ukuthi kwenzeka kanjani ekubeni lawa macala ebucayi.

UGopaul uthi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba uScharnick, uthe lilodwa icala elamlahla ekubeni ewu-18 esewonke. Uthe lokhu kushiya imibuzo abantu abangazibuza yona, yokuthi umuntu onalawa macala ahlanganisa nokutholakala nempahla eyebiwe, yisiphi isigwebo angasithola.

Uveze nokushaqisayo ngesinye sezisebenzi emaphoyiseni, okuvela ukuthi ngoJanuwari sasusa wonke amacala kaScharnick ohlwini lapho egcinwa khona kwikhompyutha.

Uthi yingakho uScharnick ebezishaya isifuba ngokuthi akanawo amacala. Uthi uphenyo lusazoqhubeka.
Uthi inhloso yabo ngesigcawu bekuwukucacisa ngalokhu uScharnick abasola ngakho.

Uphinde wadalula nokuthi uScharnick unezibhamu eziyisihlanu ezisemthethweni, okungaqondakali ukuthi imvume yazo wayithola kanjani.

0