05 | Izindaba

Friday, 09 October 2026

Umfundisi nowakwakhe kwelokudlwengula owesifazane nokufa kosana lwakhe


Ubehambe nabo nosana lwakhe, eyogezwa emfuleni adlwengulelwe kuwona

Image

Thandoluhle Ngubo

KUSABATSHAZWA unya nesihluku somfundisi osambholofidi (43), nenkosikazi yakhe (24), abasolwa ngokuthumba nokudlwengula owesifazane maqede babulala ingane yakhe (owesifazane) enezinyanga ezine.

Ngokwemibiko ye-eNCA, lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu ebusuku, eDieptsloot, eGoli.

Kuthiwa lona wesifazane ubeyolashwa ngumfundisi emfuleni iHennops. Ngokwemibiko ye-eNCA, ithi lona wesifazane uveze ukuthi ubengasonti esontweni lalo mfundisi, kodwa wayalelwa ngomunye ukulivakashela isonto lakhe ukuze ezolashwa, njengoba ayengaphilile nengane yakhe. Uthi umfundisi wamtshela ukuthi kuzomele ayogeza.

Uthi ngosuku lwesigameko, wahamba nengane yakhe, umfundisi nenkosikazi yakhe njengoba ayeyogeza emfuleni.

Uthi babe sebeshiya ingane nenkosikazi, wahamba nomfundisi bebheke emfuleni. Uthi sebefikile khona, umfundisi wamyalela ukuba akhumule amgeze, kepha wamdlwengula.

Eseqedile, uthi ube esembophela esihlahleni esiseduze nomfula, wamshiya khona, wahamba nenkosikazi yakhe nengane.

Ingane yalona wesifazane itholwe isibulewe

Uthi ukwazile ukuziqaqa, wabalekela wazithela enkampanini eseduze, lapho beshayele onogada abazimele namaphoyisa.

Uthi usuke namaphoyisa kwayofunwa umfundisi nowakwakhe, bathola.  inkosikazi ephekwe ngemibuzo, yagcina iveza ukuthi ingane ibulawe yagqitshwa emgodini ongasemfuleni abebekuwona.

Ikosikazi noma isiboshiwe, ithe kayimazi umyeni wayo ukuthi ukuphi

Kuthiwa inkosikazi kamfundisi ihole amaphoyisa iyowakhombisa lapho kugqitshwe khona ingane, yabe isiyaboshwa. Nakuba iboshiwe, ithe kayimazi ukuphi umyeni wayo.

Okhulumela amaphoyisa eGoli, uCol Dimakatso Nevhuhulwi, uthi amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi lo mfundisi uyabanjwa, aboshwe.

0