05 | Izindaba

Friday, 16 October 2026

Usihlalo we-IEC uMnu Mosotho Moepya  uthe bayasamukela isinqumo...

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi 
i-ANC ivunwa yinkantolo


I-ANC yakhala ngobuhixihixi bakwa-IEC ngesikhathi kuvela ukuthi kunohlu lwamagama awu-181 angakwazanga ukubhaliswa, ngaphambi kwesikhathi somnqamulajuqu...
Image

Lucky Cain

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula (ongenhla) ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.

Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele izikhundla zobukhansela okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuNovember nonyaka.

Image

UMbalula ozwakalise ukujabula ngalesi sinqumo ekhuluma nabezindaba, ushaqise abaningi ezwakala efikelwa yisibibithwane, abaningi abasithathe njengezinyembezi zenjabulo ngesinqumo sale Nkantolo eNkulu eNingizimu Afrika.

Kuthe kusenjalo esazama ukuphendula umbuzo wentatheli, wazwakala sengathi uphelelwa ngamandla, waveza ukuthi akasekho esimweni esikahle, wabe eseshona phansi. Yilapho kube sekunxuswa abezindaba ukuba bahoxise ukuqopha futhi bahloniphe isimo sikaMbalula sokungabi sesimweni esikahle ngokwempilo. Kube sekubizwa abezimo eziphuthumayo ukuba bayomhlenga.

Image

Kuzokhumbuleka ukuthi i-ANC yakhala ngobuhixihixi bakwa-IEC ngesikhathi kuvela ukuthi kunohlu lwamagama awu-181 angakwazanga ukubhaliswa, ngaphambi kwesikhathi somnqamulajuqu.

Ngaleso sikhathi i-IEC yazichitha izinsolo zobuhixihixi, yathi leli qembu lafaka amagama sekudlule isikhathi nokusho ukuthi lolu hlu, ngeke lusaba yingxenye yalolu khetho.

Ngenxa yalesi sinqumo se-IEC, i-ANC yababela kule nkantolo ngenhloso yokuthola ubulungiswa. Nebala izolo ngoLwesine le nkantolo, ikhiphe isinqumo esivuna i-ANC, okuyisinqumo esijabulise amalungu aleli qembu ikakhulukazi lawo asezindaweni ezithintekayo okubalwa kuzo
i-Eastern Cape naKwaZulu-Natal.

Image

USihlalo we-IEC uMnu Mosotho Moepya (ongenhla) uthe bayasamukela isinqumo sale nkantolo, wathi sisho ukuthi sekumele bashicilele kabusha amaphepha abo anala magama alolu hlu kulezi zindawo ezithintekayo.

0