05 | Izindaba

Friday, 12 September  2025

 Ukhuthaza abafundi ngosizi lwakhe uGatsheni

Uthi inhloso wukuqwashisa abafundi ngobumqoka bemfundo

Mthobisi Sithole 

SILUXOXA ezikoleni usizi esikhule ngaphansi kwalo isilomo somculi kamaskandi, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu. Sikwenza lokhu ngenhloso yokukhuthaza abafundi ngokubaluleka kwemfundo.

UGatsheni uqale umkhankaso wakhe wokuhambela izikole, exoxisana nabafundi ngezimo akhule, wabhekana nazo kwaze kwaba uyaphumelela ngomculo wakhe.

Ngesonto eledlule uhlanganise  izikole ezimbalwa endaweni yangakubo eNcotshane, oPhongolo.

IMenenja yakhe uMnu Thobani Mema, ithe bakhuthaza abafundi ukuba bazibambe ziqine, baphumelele ngemfundo yabo.


"Sivakashela abafundi sibaphathele imisubelo, ngoba abanye abantwana basilela emuva emfundweni yabo bengayi ezikoleni ngenxa yokuthi basezinsukwini zabo. Ngezinye zezinto ezivelayo, ikakhulukazi kubafundi besifazane. 

Image

 Uthi njengoba eseqalile nomkhankaso womcimbi wakhe, iGatsheni Music Festival ezokuba mhla ka-4 kuMfumfu (October) eNcotshane Sports Ground, oPhongolo, uzosebenzisa wona lo mcimbi ukuhambela izikole nakwezinye izindawo.

Image

"Abafisa uGatsheni avakashe nasezikoleni zangakubo, bangathenga amathikithi awu-20 bewahlanganise, bese beqoka isikole sangakubo. Ukuqokwa kwezikole kuzokwenzeka kuze kuphele inyanga, bese emuva komcimbi sivakashela lezo eziqokwe lungakafiki usuku lomcimbi," esho.

Uthe ukuqoka isikole, kuthunyelwa ubufakazi bokuthi athengiwe amathikithi awu-20, bese kuthunyelwa igama lesikole kule nombolo : 063 021 2264.

Utshele
ILANGA Lempelasonto ukuthi isikole esilandelayo abazoya kusona, iMasibumbane High, oLundi.

Abaculi abazobe beboshelwe oPongolo
kwifestivali kaGatsheni, kubalwa uMthandeni, uKhuzani, uSomnandi, uBig Zulu, uDuncan, uLimit, uNjabulo Langa, uMjolisi, uJumbo, uMroza, uMafikizolo, uMenzi, uNtencane, uSwidi, uMdumazi, iNkosi Yamagcokama, uSminofu, uDumakahle, uZakwe, uMayogathi, uMzukulu, Amageza Amahle, Amatycooler, uJaiva, uSaliwa, Imfezemnyama, uGovozile, uNdoni, oFish'bakhulu, iQwabe Twins, uMaganga, uBahubhe, iThwasa Lekhansela, uMfoka Msezane nabanye.
 
Amathikithi atholakala eComputiceks, kusukela ku-R100

mthobisis@ilanganews.co.za

0