05 | Izindaba
Friday, 26 February 2026
Kuthiwa wamqukula elele kuhlukaniswa unyaka, wambulala wase emfaka ebhodweni elikhulu
Intatheli yeLANGA
UGWETSHWE udilikajele owesilisa waseNkanjini, KwaHlabisa, owabulala umshana wakhe oneminyaka ewu-5 ubudala, maqede wamfaka ebhodweni.
INkantolo yesiFunda yaseMtubatuba igwebe lona wesilisa ngalesi sigameko esenzeka mhla ka-31
ku-December 2024.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke umndeni uhlangene, ulungiselela ukuhlukanisa unyaka.
Ngokwamaphepha asenkantolo, kuthe sekusondele ukuba kuhlukaniswe unyaka, kwabonakala lona wesilisa eyongena egunjini elalilele umshana wakhe, wabe esemqukula, waphuma naye.
Kuthiwa umndeni kawuzange unake, kodwa kuthe ngesikhathi sekuhlukaniswa unyaka, kwaqapheleka ukuthi ingane kayikho.
Isidumbu sengane umndeni wasithola sifakwe ebhodweni elinemilenze emithathu
Kubikwa ukuthi kungaleso sikhathi umndeni wabuza lona wesilisa ukuthi ingane ikuphi, wawutshela ukuthi isemjondolo wakhe, kodwa yangatholakala.
Kubikwa ukuthi umndeni wabe usubuzisiza kahle kulona wesilisa, kodwa wavele wabaleka.
Ngokwesitatimende seNPA, umndeni waphindela emjondolo wayobheka, okulapho wazithela phezu kwesidumbu sengane sifakwe ebhodweni elinemilenze emithathu.
Kubikwa ukuthi eduzane nesidumbu, kwatholakala nommese owawunegazi.
Kuthiwa emuva kwesikhathi, lona wesilisa wabe esezinikela emaphoyiseni, wafike wagonyuluka iqiniso, wawatshela ukuthi ubulale ingane wayifaka ebhodweni, zabe seziyamkhalela.
UMnu Thembalethu Khoza ongumshushisi kuleli cala, ubize ofakazi namaphoyisa, waphide wasebenzisa nombiko wokuhlolwa kwesidumbu nolibofuzo olwatholakala kulo mmese owatholakala emjondolo (eduze kwesidumbu sengane).
Umshushisi uphinde wafunda isitatimende sikanina wengane, nalapho aveza khona ukwethuka ngesenzo sikamfowabo, sokubulala ingane yakhe ngalesi sihluku, waveza nokuthi akuvumi amukele.