05 | Izindaba

Friday, 29 May 2026

Kulobe: uNhlanhla Hudla

Izindaba

Ugcwele amathafa osolwa ngokubulala unina wezingane, zibuka

Kuthiwa umbulali uyenge umufi ngokuthi mabahlangane uzomnika imali yezingane... 

Image

KUBATSHAZWA isihluku sowesilisa okuthiwa ugence ngocelemba, wagwazwa nge-screw driver, wabulala unina wezingane zakhe phambi kwazo (izingane) esigamekweni esenzeke ngeSonto esigodini saseMkhazane, oLundi.

Ngokuthola kwaleli phephandaba uNkz Nontando Mbona (31), "ubulawe" nguyise wezingane zakhe ezintathu endaweni eyihlathi. Kubikwa ukuthi umsolwa usagcwele amathafa.

Image

NGUNKZ Nontando Mbona okuthiwa ugengcwe ngocelemba, wagwazwa washona nguyise wezingane zakhe.

Kuthiwa uNkz Mbona ubizwe nguyise wezingane zakhe, emethembisa ukuthi uzomnika imali yezingane, kanti usembophele amanqina enyathi. ILANGA Lempelasonto likhulume nomfowabo kamufi, uMnu Msizi Mbona, olilandise ukusuka nokuhlala kwalolu daba.

"Udadewethu ufonelwe nguyise wezingane zakhe, emcela ukuba bahlangane ngenhloso yokuyothatha imali yezingane. Ube esenikela khona ehamba nezingane ezimbili ngethemba lokuthi uzobuya nemali.

Image

UMbona uthi babe sebemphuthumisa eMtholampilo, khona oLundi, wadluliselwa  esibhedlela iNkonjeni wafike washonela khona. Uthi okuphatha kabi kakhulu umndeni, wukuthi uzozilekelela kanjani izingane kulokhu ezikubonile.

Uveze ukuthi ubudlelwano bukadadewabo noyise wezingane zakhe bebungebuhle, ubehlale emsabisa ngokumbulala.


"Into esizwisa kakhulu ubuhlungu wukuthi izingane zibone lukhulu, futhi asazi ukuthi sizozilapha kanjani kulento eziyibonile. Kwenzeka lokhu nje, isoka belivele limhlupha ngoba belihlale lisho ukuthi lizombulala njengoba ligcine likwenzile. Ngemuva kokwenzeka kwalokhu, uyise wezingane unyamalele endaweni," kuphetha uMbona.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiuda uthe amaphoyisa asoLundi avule icala ngokubulawa kowesifazane ngeSonto.

0